Genesise

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50

0:00
0:00

Isahluko 3

Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: ‘Ningadli emithini yasensimini,’ na?”
2 Owesifazane wathi enyokeni: “Singadla izithelo zemithi yasensimini,
3 kepha ngezithelo zomuthi ophakathi nensimu uNkulunkulu ushilo ukuthi: ‘Ningazidli, ningazithinti ukuba ningafi.’ ”
4 Inyoka yathi kowesifazane: “Aniyikufa nokufa;
5 kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibe njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.”
6 Owesifazane ebona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nokuthi umuthi unxanelekile ekuhlakaniphiseni, wathatha izithelo zawo, wadla, wanika nendoda yakhe kanye naye, nayo yadla.
7 Ayesevuleka amehlo abo bobabili, babona ukuthi bahamba ze; bathunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izibhinco.
8 Base bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu ehamba ensimini kusihlwa ngokuphola kwelanga; u-Adamu nomkakhe bacasha ebusweni bukaJehova uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu.
9 Kepha uJehova uNkulunkulu wambiza u-Adamu, wathi kuye: “Uphi na?”
10 Wathi: “Ngizwe izwi lakho ensimini, ngesaba ngokuba ngihamba ze; ngalokho ngacasha.”
11 Khona wathi: “Ngubani owakutshela ukuthi uhamba ze na? Udlile kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo na?”
12 U-Adamu wathi: “Owesifazane, owangipha yena ukuba abe nami, unginikile kuwo umuthi, ngadla.”
13 UJehova uNkulunkulu wathi kowesifazane: “Yini lokhu okwenzileyo na?” Owesifazane wathi: “Inyoka ingikhohlisile, ngadla.”
14 UJehova uNkulunkulu wathi enyokeni: “Njengokuba usukwenzile lokho, uqalekisiwe phakathi kwezilwane zonke naphakathi kwazo zonke izilwane zasendle; uzakuhamba ngesisu sakho, udle uthuli izinsuku zonke zokuhamba kwakho.
15 Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”
16 Wathi kowesifazane: “Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu. Ukunxanela kwakho kuyakuba sendodeni yakho; yona iyakukubusa.”
17 Wayesethi ku-Adamu: “Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho.
18 Uyakukuvezela ameva namakhakhasi, wena udle imifino yasendle.
19 Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”
20 U-Adamu wamqamba umkakhe igama lokuthi u-Eva, ngokuba waba ngunina wabo bonke abaphilayo.
21 UJehova uNkulunkulu wabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku, wabembathisa.
22 UJehova uNkulunkulu wathi: “Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu, uyakwazi okuhle nokubi; kepha manje makangeluli isandla sakhe, athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.”
23 UJehova uNkulunkulu wammukisa ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo.
24 Wamxosha u-Adamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase-Edene amakherubi kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo, ilinde indlela eya emthini wokuphila.