2 Johane

Isahluko: 1

0:00
0:00

Isahluko 1

Ilunga kuyo inkosikazi ekhethiweyo nabantwana bayo, engibathanda ngeqiniso, kungeyimi ngedwa kodwa nabo bonke abalaziyo iqiniso,
2 ngenxa yeqiniso elihlala kithi neliyakuba nathi kuze kube phakade.
3 Kuzakuba nathi umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuye uJesu Kristu iNdodana kaYise ngeqiniso nangothando.
4 Ngithokozile kakhulu, ngokuba kubantwana bakho ngifumene abahamba eqinisweni, njengalokho samukele umyalo kuBaba.
5 Nakalokhu ngiyakunxusa, nkosikazi, kungengokungathi ngikulobela umyalo omusha kodwa lowo esasinawo kwasekuqaleni ukuba sithandane.
6 Yilolu-ke uthando ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe; yiwo umyalo ukuba nihambe ngawo, njengalokho nezwa kwasekuqaleni.
7 Ngokuba abakhohlisi abaningi baphumele ezweni, labo abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile ngenyama; lowo ungumkhohlisi nomphikukristu.
8 Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa ngesikusebenzileyo, kodwa namukele umvuzo opheleleyo.
9 Lowo oweqisayo engemi ekufundiseni kukaKristu akanaye uNkulunkulu; ohlezi ekufundiseni lowo unaye uYise neNdodana.
10 Uma kufika umuntu kini engalethi lokho kufundisa, ningamamukeli endlini yenu, ningambingeleli;
11 ngokuba ombingelelayo uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi.
12 Nginokuningi kokunilobela, angithandanga ukukuloba ngephepha noyinki, kodwa ngiyethemba ukuza kini, ngikhulume nani umlomo nomlomo, ukuze ukuthokoza kwethu kuphelele.
13 Abantwana bakadadewenu okhethiweyo bayakhonza kuwe.