1 Johane

Isahluko:1 2 3 4 5

0:00
0:00

Isahluko 5

Yilowo nalowo okholwa ukuthi uJesu unguKristu uzelwe nguNkulunkulu, nalowo othanda ozeleyo uthanda naye ozelwe nguye.
2 Ngalokho siyazi ukuthi siyabathanda abantwana bakaNkulunkulu, nxa sithanda uNkulunkulu, senza imiyalo yakhe.
3 Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima,
4 ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe; lokhu kuyinqobo enqobe izwe: ukukholwa kwethu.
5 Ngubani onqoba izwe, uma kungesiye okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na?
6 Nguye lo oweza ngamanzi nangegazi, uJesu Kristu, kungengamanzi odwa kodwa ngamanzi nangegazi; noMoya ungofakazayo, ngokuba uMoya uyiqiniso.
7 Ngokuba bathathu abafakazayo,
8 uMoya, namanzi, negazi; labo abathathu bavumelana entweni inye.
9 Uma samukela ubufakazi babantu, ubufakazi bukaNkulunkulu bukhulu kunalobo, ngokuba ubufakazi bukaNkulunkulu buyilobu abufakazile ngeNdodana yakhe.
10 Okholwa yiNdodana kaNkulunkulu unobufakazi phakathi kwakhe. Ongakholwa nguNkulunkulu umenze umqambimanga, ngokuba engakholwanga ngubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.
11 Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe.
12 Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila.
13 Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu.
14 Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.
15 Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.
16 Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, ekunika labo abenza isono esingesiso esokufa. Sikhona isono sokufa; angisho ukuba kucelwe ngaleso.
17 Konke ukungalungi kuyisono; kukhona isono esingesiso esokufa.
18 Siyazi ukuthi yilowo nalowo ozelwe nguNkulunkulu akoni, ngokuba ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, nomubi akamthinti.
19 Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu nokuthi izwe lonke limi ebubini.
20 Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.
21 Bantwanyana, zilindeni ezithombeni.