Zakariya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14

0:00
0:00

Isahluko 2

Ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu enentambo yokulinganisa esandleni sakhe.
2 Ngathi: “Uya ngaphi?” Wathi kimi: “Ngiya ukulinganisa iJerusalema, ngibone ukuthi bungakanani ububanzi balo, bungakanani nobude balo.”
3 Bheka, ingelosi eyayikhuluma nami yayisiphuma, nenye ingelosi yaphuma ukuyihlangabeza,
4 yathi kuyo: “Gijima ukhulume kule nsizwa ukuthi iJerusalema liyakwakhiwa njengemizi engenanzingange ngenxa yobuningi babantu nezinkomo okuphakathi kwalo.
5 ‘Kepha mina,’ usho uJehova, ‘ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke, futhi ngibe yinkazimulo phakathi kwalo.’
6 “Hheyi, hheyi, balekelani izwe lasenyakatho!” usho uJehova, “ngokuba nginihlakazile njengemimoya yomine yezulu,” usho uJehova.
7 “Hheyi, zikhulule, uye eSiyoni, wena ohlezi nendodakazi yaseBabele!”
8 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti ongithumile ukulanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaziniphanga ngokuba othinta nina uthinta inhlamvu yeso lakhe uthi:
9 “Bhekani, ngiyakuqhweba ngesandla phezu kwabo, babe yimpango yababebakhonza, nazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumileyo.
10 “Hlabelela ngokujabula, uthokoze, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba bhekani, ngiyeza, ngiyakuhlala phakathi kwakho,” usho uJehova.
11 “Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noJehova ngalolo suku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, wazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kuwe.
12 UJehova uyakudla ifa lakwaJuda, libe yisabelo sakhe ezweni elingcwele, abuye akhethe iJerusalema.
13 Thula, nyama yonke, phambi kukaJehova, ngokuba uvukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.”