Zakariya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14

0:00
0:00

Isahluko 12

Isiprofetho. Izwi likaJehova ngo-Israyeli. UJehova oweneka amazulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe, uthi:
2 “Bheka, ngiyakwenza iJerusalema libe yindebe yokutengezela kubo bonke abantu nxazonke nakulo iJuda ekuvinjezelweni kweJerusalema.
3 Kuyakuthi ngalolo suku ngenze iJerusalema libe yitshe elisindayo kuzo zonke izizwe; zonke ezizithwesa lona ziyakusikwa nokusikwa; zonke izizwe zomhlaba ziyakulihlanganyela.
4 Ngalolo suku,” usho uJehova, “ngiyakushaya onke amahhashi ngokugcwaneka nezinkweli zawo ngobuhlanya; ngiyakuvula amehlo ami phezu kwendlu yakwaJuda, ngishaye onke amahhashi abezizwe ngobumpumputhe.
5 Ababusi bakwaJuda bayakusho ezinhliziyweni zabo ukuthi: ‘Abakhileyo eJerusalema bangamandla ami kuJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo.’
6 “Ngalolo suku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe ngumcengezi womlilo phakathi kwemithi nobhaqa lomlilo phakathi kwezithungu; bayakuqeda bonke abantu nxazonke ngakwesokunene nangakwesokhohlo, iJerusalema libe lisahlala endaweni yalo eJerusalema.
7 “UJehova uyakusindisa amatende akwaJuda kuqala, ukuze udumo lwendlu yakwaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungakhuliswa phezu kukaJuda.
8 Ngalolo suku uJehova uyakulondoloza abakhileyo eJerusalema; okhubekayo phakathi kwabo ngalolo suku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova ngaphambi kwabo.
9 Kuyakuthi ngalolo suku ngifune ukuchitha bonke abezizwe abahlasela iJerusalema.
10 “Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa, bambheke abamgwazileyo, bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.
11 Ngalolo suku kuyakuba khona ukulila okukhulu eJerusalema njengokulila kweHadadi Rimoni esigodini saseMegidoni.
12 Izwe liyakulila imindeni ngemindeni ngokwayo: umndeni wendlu yakwaDavide ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo; umndeni wendlu yakwaNathani ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo;
13 umndeni wendlu yakwaLevi ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo; umndeni kaShimeyi ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo,
14 nayo yonke imindeni eseleyo, imindeni ngemindeni ngokwayo nabesifazane bayo ngokwabo.