Jeremiya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52

0:00
0:00

Isahluko 6

“Thuthani impahla eJerusalema nina bantwana bakwaBenjamini, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBeti Hakeremi, ngokuba ububi bulunguza ngasenyakatho nokuchitha okukhulu.
2 Indodakazi yaseSiyoni etotosiweyo nethambileyo ngiyakuyinquma.
3 Abelusi bayakufika kuyo benemihlambi yabo, bamise amatende abo ngakuyo nxazonke, baluse, kube yilowo nalowo endaweni yakhe.”
4 “Zingcweliseleni ukulwa nayo; vukani, sikhuphuke emini. Maye kithina! Ngokuba ilanga liyaphenduka, namathunzi okuhlwa aselulekile.
5 Vukani, sikhuphuke ebusuku, sichithe izindlu zayo zamakhosi.”
6 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Gawulani imithi yayo, ninqwabele iduli ngakulo iJerusalema. Yiwo umuzi oyakuhanjelwa, ungukucindezela kuphela phakathi kwawo.
7 Njengomthombo umpompoza amanzi awo, kanjalo umpompoza ububi bawo; ubudlova nokubhubhisa kuzwakele phakathi kwawo; ukugula namanxeba kukhona phambi kwami njalo.
8 Mawuxwayiswe, Jerusalema, funa umphefumulo wami wahlukane nawe, funa ngikwenze incithakalo, izwe elingahlalwa.”
9 Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bayakuyikhothoza nokuyikhothoza insali yakwa-Israyeli njengomvini; buyisela isandla sakho emaqomeni njengobutha izithelo zomvini.”
10 Ngiyakukhuluma kubani, ngifakaze ukuba bezwe, na? Bheka, izindlebe zabo azisokile, abanakulalela; bheka, izwi likaNkulunkulu seliyihlazo kubo, abathokozi ngalo.
11 Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova, ngikhathele ukunyamezela. “Kuthululele phezu kwabantwana ezitaladini, nasemihlanganweni yezinsizwa kanyekanye, ngokuba nendoda iyakuthathwa nomkayo, ogugileyo kanye nozinsuku zakhe zigcwele.
12 Izindlu zabo ziyakunikelwa kwabanye, amasimu abo nawomkabo kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhileyo ezweni,” usho uJehova.
13 “Ngokuba kusukela kwabancane babo kuya kwabakhulu babo bayaphanga impango bonke, nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.
14 Bapholisa kalula ukulimala kwabantu bami, bathi: ‘Ngukuthula, ngukuthula,’ kepha akukho ukuthula.
15 Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo; ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka,” usho uJehova.
16 Usho kanje uJehova, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze imikhondo yasendulo ukuthi iphi indlela enhle, nihambe ngayo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu; kepha bathi: ‘Asiyikuhamba ngayo.’
17 Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu, ngithi: ‘Qaphelani ukukhala kwecilongo,’ kepha bathi: ‘Asiyikukuqaphela.’
18 Ngalokho zwanini nina zizwe, wazi wena bandla ukuthi yintoni ephakathi kwabo.
19 Yizwa wena mhlaba ukuthi: Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwalaba bantu, izithelo zemicabango yabo, ngokuba abaqaphelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.
20 Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude, na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”
21 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakubekela laba bantu izikhubekiso, oyise namadodana bakhubeke kanyekanye kuzo, umakhelwane abhubhe kanye nomngane wakhe.”
22 Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, kuvela abantu ezweni elisenyakatho; isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.
23 Babamba umnsalo nomkhonto; banonya, abanamusa, izwi labo liduma njengolwandle, bakhwele amahhashi, behleliwe njengabantu abayakulwa, behlelelwe ukulwa nawe ndodakazi yaseSiyoni.”
24 Sizwile imibiko yalokho: izandla zethu ziyadangala; usizi lusibambile, imihelo njengeyobelethayo.
25 Ningaphumeli endle, ningahambi endleleni, ngokuba isitha sinenkemba, navalo nxazonke.
26 Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu yamasaka, uhuquzele emlotheni, wenze isililo njengesendodana eyodwa, ukukhala okumunyu, ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane.
27 “Ngikubekile ukuba ube ngumhloli nenqaba phakathi kwabantu bami, wazi, uhlole indlela yabo.
28 Bahlubukile bonke nokuhlubuka, behamba behleba; bayithusi nensimbi, bangabachithi bonke.
29 Izifutho ziyafutha, kepha emlilweni kuphuma umthofu kuphela; impela bancibilikisela ize nje, ngokuba ababi abakhishwa.
30 Bayakuthiwa isiliva elilahlwayo, ngokuba uJehova ubalahlile.”