Jeremiya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52

0:00
0:00

Isahluko 13

Usho kanje uJehova kimi, uthi: “Hamba uzithengele ibhande lelineni, ulibeke ezinkalweni zakho, ungalingenisi emanzini.”
2 Ngalithenga ibhande njengezwi likaJehova, ngalibeka ezinkalweni zami.
3 Lase lifika izwi likaJehova ngokwesibili, lithi:
4 “Thatha ibhande olithengileyo, elisezinkalweni zakho, uvuke uhambe, uye e-Ewufrathe, ulifihle emfantwini wesiwa.”
5 Ngase ngihamba, ngalifihla ngase-Ewufrathe njengokungiyala kukaJehova.
6 Kwathi ngasekugcineni kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi: “Suka uye e-Ewufrathe, ulilande khona ibhande engakuyala ngalo ukuba ulifihle khona.”
7 Ngaya e-Ewufrathe, ngemba, ngalilanda ibhande, lapho ngangilifihle khona; bheka, ibhande lalonakele, lalingasenamsebenzi.
8 Lase lifika izwi likaJehova, lithi:
9 “Usho kanje uJehova: ‘Ngale ndlela ngiyakukuchitha ukuziqhenya kukaJuda nokuziphakamisa okukhulu kweJerusalema.
10 Laba bantu ababi abala ukuzwa amazwi ami, abahamba ngobulukhuni bezinhliziyo zabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, bakhuleke kubo, bayakuba njengaleli bhande elingasenamsebenzi.
11 Ngokuba njengalokhu ibhande linamathela okhalweni lomuntu, kanjalo ngiyinamathelisile kimi yonke indlu yakwa-Israyeli nayo yonke indlu yakwaJuda,’ usho uJehova, ‘ukuba babe ngabantu bami, negama, nodumo, nendumiso, kepha kabalalelanga.’
12 “Uyakukhuluma kubo leli zwi lokuthi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Zonke izimvaba ziyagcwaliswa ngewayini.’ Bayakusho kuwe ukuthi: ‘Impela asazi yini ukuthi zonke izimvaba zigcwaliswa ngewayini na?’
13 Uyakusho kubo, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakugcwalisa ngokudakwa bonke abakhileyo kuleli zwe, namakhosi ahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, nabapristi, nabaprofethi, nabo bonke abakhileyo eJerusalema.
14 Ngiyakubaphahlaza omunye komunye, oyise nabantwana ndawonye, usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba nasihe kubo sokuba ngingabachithi.’ ”
15 Zwanini, nibeke indlebe; ningaziqhenyi, ngokuba uJehova ukhulumile.
16 Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo, engakalihlwisi, futhi zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwelela, nothi nisabheka ukukhanya, akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye.
17 Kepha uma ningalaleli, umphefumulo wami uyakukhala ngasese ngokuzidla kwenu; iso lami liyakukhala nokukhala, limululeka izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.
18 Yisho kuyo inkosi nakuyo indlovukazi ukuthi: “Hlalani phansi ngokuzithoba, ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi, umqhele wodumo lwenu.”
19 Imizi yaseningizimu ivaliwe, akakho ovulayo; wonke uJuda uthunjiwe, uthunjiwe ngokupheleleyo.
20 Phakamisani amehlo enu, nibone abavela enyakatho; uphi umhlambi owaphiwa wona, izimvu zakho ezinhle, na?
21 Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho labo okade ubafundisile ukuba babe ngabangane bakho, babe yinhloko, na? Awuyikubanjwa lusizi njengowesifazane obelethayo na?
22 Uma uthi enhliziyweni yakho: Ngehlelelweni yilezi zinto na? Ngobukhulu bokona kwakho imiphetho yakho iphakanyisiwe, nezithende zakho ziyadlovulwa.
23 UmKushe angasiguqula isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo, na? Khona ningenza okuhle nina enifundisiwe ukwenza okubi.
24 “Ngalokho ngiyakubasakaza njengamabibi adlula ngomoya wasehlane.
25 Lokhu kungokwenkatho yakho, isabelo osilinganiselwe yimi,” usho uJehova, “ngokuba wangikhohlwa, wethemba emangeni.
26 Ngiyakuphakamisa imiphetho yakho ebusweni bakho, kubonakale ihlazo lakho.
27 Ukuphinga kwakho nokuyiyiza kwakho, ukukhanuka kobufebe bakho nezinengiso zakho, ngikubonile emagqumeni asendle. Maye kuwe Jerusalema! Awuyikuhlambuluka koze kube nini na?”