IsiHlabelelo SeziHlabelelo

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8

0:00
0:00

Isahluko 3

Ebusuku embhedeni wami ngamfuna othandwa ngumphefumulo wami; ngamfuna, kepha angimtholanga.
2 Ngiyakuvuka, ngihambahambe emzini, ezitaladini nasezigcawini; ngiyakufuna othandwa ngumphefumulo wami; ngamfuna, kepha angimtholanga.
3 Abalindi bangifumana behambahamba emzini: “Nimbonile othandwa ngumphefumulo wami na?”
4 Ngangidlule kancane nje kubo; ngase ngimthola othandwa ngumphefumulo wami; ngambamba, angivumanga ukuba ahambe, ngaze ngamngenisa endlini kamame nasekamelweni lowangikhulisayo.
5 Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi.
6 Ngubani owenyuka ehlane njengezinsika zomusi, eqhole ngemure nangenhlaka, nangawo onke amakha omthengi, na?
7 Bheka, luhlaka lukaSolomoni! Amaqhawe angamashumi ayisithupha aluzungezile emaqhaweni akwa-Israyeli.
8 Onke aphethe izinkemba, afundile ukulwa; yilowo nalowo muntu unenkemba yakhe okhalweni lwakhe ngokwesaba ebusuku.
9 Inkosi uSolomoni izenzele uhlaka ngemithi yaseLebanoni.
10 Yenza izinsika zalo ngesiliva, nephansi lalo ngegolide, nesihlalo salo ngokububende, ubuphakathi balo bugandaywe ngothando lwamadodakazi aseJerusalema.
11 Phumani nina madodakazi aseJerusalema, nibone inkosi uSolomoni, inomqhele eyawuqheliswa ngunina ngosuku lokugcagca kwayo nangomhla wokuthokoza kwenhliziyo yayo.