IsiHlabelelo SeziHlabelelo

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8

0:00
0:00

Isahluko 2

Ngiyintebe yaseSharoni, nomnduze wezigodi.
2 Njengomnduze phakathi kwameva, sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintombi.
3 Njengomapula phakathi kwemithi yasehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana. Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu, nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.
4 Ungingenisile endlini yewayini, nebhandela lakhe phezu kwami liluthando.
5 Ngiphaseni ngezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo, ngihlumelele ngama-apula, ngokuba ngiyafa uthando.
6 Isandla sakhe sokhohlo siphansi kwekhanda lami, nesokunene siyangigona.
7 Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi.
8 Nanto izwi lothandiweyo wami! Bheka, uyeza eqa ezintabeni, etshekula emagqumeni.
9 Othandiweyo wami unjengensephe noma njengesixhumu sendluzele; bheka, umi emva kodonga lwakwethu; uyalunguza emafasiteleni, ubonakala ngaseheleni.
10 Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi: “Vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami; woza sihambe,
11 ngokuba bheka, ubusika budlulile; imvula isiphelile, yamuka;
12 izimbali ziyabonakala emhlabeni, nesikhathi sokuthena imivini sesisondele, nezwi lehobhe liyezwakala ezweni lakithi.
13 Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza, imivini inezimbali, ithaphuka iphunga layo; vuka, sithandwa sami, muhlekazi wami; woza sihambe.”
14 Juba lami elisemifantwini yamadwala nasekusithekeni kweziwa, mangibone ubuso bakho, ngizwe izwi lakho, ngokuba izwi lakho limnandi, nobuso bakho buhle.
15 Sibambeleni izimpungushe, izimpungushe ezincane ezichitha izivini, ngokuba izivini zethu zinezimbali.
16 Othandiweyo wami ungowami, mina ngingowakhe; uyalusa phakathi kweminduze.
17 Kuze kuphole ilanga, namathunzi abaleke, mawube njengensephe, wena othandiweyo wami, nanjengesixhumu sendluzele ezintabeni eziqhekezekileyo.