2 IziKronike

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36

0:00
0:00

Isahluko 33

UManase wayeneminyaka eyishumi nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nanhlanu eJerusalema.
2 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
3 Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azidilizile; wamisela oBali ama-altare, wenza o-Ashera, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.
4 Wakha ama-altare endlini kaJehova, uJehova asho ngayo ukuthi: “Igama lami liyakuba khona eJerusalema kuze kube phakade.”
5 Wakhela nalo lonke ibandla lasezukwini ama-altare emagcekeni omabili endlu kaJehova.
6 Wadabulisa abantwana bakhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu, wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.
7 Wabeka umfanekiso obaziweyo wesithombe awenzileyo endlini kaNkulunkulu asho ngayo uNkulunkulu kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade;
8 futhi angisayikususa unyawo luka-Israyeli ezweni engilimisele oyihlo, uma beyakugcina kuphela ukwenza konke engibayale ngakho, wonke umthetho, nezimiso, nezahlulelo, ngesandla sikaMose.”
9 UManase wadukisa uJuda nabakhileyo eJerusalema, baze benza okubi kunabezizwe uJehova abachitha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
10 UJehova wakhuluma kuManase nakubantu bakhe, kepha kabalalelanga.
11 Ngalokho-ke uJehova wabehlisela izinduna zempi yenkosi yase-Asiriya; zambamba uManase ngamaketanga, zambopha ngawozankosi, zamuyisa eBabele.
12 Lapho esekuhluphekeni, wanxusa kuJehova uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wawoyise.
13 Wakhuleka kuye; wancengwa nguye, wezwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela eJerusalema embusweni wakhe. Wayesekwazi uManase ukuthi uJehova nguye onguNkulunkulu.
14 Emva kwalokho wakha ugange olungaphandle komuzi kaDavide ngasentshonalanga kwaseGihoni esigodini kuze kube sekungeneni kweSango Lezinhlanzi; walihaqa i-Ofeli, waliphakamisa kakhulu; wabeka izinduna ezinamandla emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda.
15 Wasusa onkulunkulu babezizwe nesithombe endlini kaJehova, nawo onke ama-altare ayewakhile entabeni yendlu kaJehova naseJerusalema, wakulahla ngaphandle komuzi.
16 Wakha i-altare likaJehova, wanikela phezu kwalo ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula neyokubonga, washo kuJuda ukuba bamkhonze uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
17 Nokho abantu babesahlaba ezindaweni eziphakemeyo, kodwa kuJehova uNkulunkulu wabo kuphela.
18 Ezinye izindaba zikaManase, nomkhuleko wakhe kuNkulunkulu wakhe, namazwi ababoni ababewakhuluma kuye egameni likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, bheka, kulotshiwe ezindabeni zamakhosi akwa-Israyeli.
19 Umkhuleko wakhe, nokunxuswa kukaNkulunkulu nguye, nazo zonke izono zakhe, nazo zonke iziphambeko zakhe, nezindawo akha kuzo izindawo eziphakemeyo, amisa kuzo o-Ashera nezithombe ezibaziweyo, engakazithobi, bheka, lokho kulotshiwe ezindabeni zikaHozayi.
20 UManase wayeselala koyise; bammbela endlini yakhe; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
21 U-Amoni wayeneminyaka engamashumi amabili nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka emibili eJerusalema.
22 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho enzile uManase uyise; u-Amoni wahlabela zonke izithombe ezibaziweyo ayezenzile uManase uyise, wazikhonza.
23 Akazithobanga phambi kukaJehova njengalokho ebezithobile uManase uyise kepha yena lowo Amoni wenza amacala akhe aba maningi.
24 Izinceku zakhe zamenzela ugobe, zambulala endlini yakhe.
25 Kepha abantu bezwe bababulala bonke ababeyenzele inkosi u-Amoni ugobe; abantu bezwe bambeka uJosiya indodana yakhe inkosi esikhundleni sakhe.