2 IziKronike

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36

0:00
0:00

Isahluko 27

UJothamu wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; igama likanina lalinguJerusha indodakazi kaSadoki.
2 Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo u-Uziya, kepha akangenanga ethempelini likaJehova. Abantu babesasebenza ukonakala.
3 Wakha iSango Lasenhla lendlu kaJehova; nasogangeni lwase-Ofeli wakha okuningi.
4 Wakha imizi ezintabeni zakwaJuda; emahlathini wakha izinqaba nemibhoshongo.
5 Walwa nenkosi yabantwana bakwa-Amoni, wabahlula. Abantwana bakwa-Amoni bamnika ngawo lowo mnyaka amatalenta ayikhulu esiliva, namakhora ayizinkulungwane eziyishumi kakolweni, nawebhali ayizinkulungwane eziyishumi. Lokho-ke abantwana bakwa-Amoni bakuyisa kuye nangomnyaka wesibili nangowesithathu.
6 UJothamu waba namandla, ngokuba walungisa izindlela zakhe phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe.
7 Ezinye izindaba zikaJothamu, nakho konke ukulwa kwakhe, nezindlela zakhe, bheka, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nakwaJuda.
8 Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema.
9 UJothamu wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; u-Ahazi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.