1 AmaKhosi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22

0:00
0:00

Isahluko 4

Inkosi uSolomoni yabusa u-Israyeli wonke.
2 Yilezi izikhulu eyayinazo: u-Azariya indodana kaSadoki wayengumpristi;
3 o-Elihorefi no-Ahiya amadodana kaShisha babe ngababhali, noJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana;
4 uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwempi; oSadoki no-Abiyathara babe ngabapristi;
5 u-Azariya indodana kaNathani wayephezu kwezinduna; uZabudi indodana kaNathani wayengumpristi nomngane wenkosi;
6 u-Ahishari wayephezu kwabendlu; u-Adoniramu indodana ka-Abida wayephethe ezemali.
7 USolomoni wayenezinduna eziyishumi nambili phezu kwabo bonke abakwa-Israyeli ezazifunela inkosi nabendlu yayo ukudla; yileyo naleyo yayifuna ukudla inyanga inye ngomnyaka.
8 Nanka amagama azo: oBeni-Huri ezintabeni zakwa-Efrayimi,
9 noBeni-Dekeri eMakhasi, naseShahalabimi, naseBeti Shemeshi, nase-Eloni Beti Hanani,
10 noBeni Hesedi e-Aruboti, okwakungelakhe iSoko nalo lonke izwe laseHeferi,
11 noBeni Abinadaba kulo lonke iNafati Dori; uThafati indodakazi kaSolomoni wayengumkakhe;
12 uBahana indodana ka-Ahiludi eThahanaki, naseMegido, nakulo lonke iBeti Sheyani elingaseceleni kweSaretani, ngenzansi kwaseJizreyeli, kusukela eBeti Sheyani kuze kube se-Abela Mehola nangaphesheya kweJokimeyamu,
13 noBeni Geberi eRamoti Gileyadi, okwakungeyakhe imizi kaJayire indodana kaManase ekwaGileyadi, nezwe lase-Arigobi eliseBashani, imizi engamashumi ayisithupha enezingange nemigoqo yethusi,
14 no-Ahinadaba indodana ka-Ido eMahanayimi,
15 no-Ahimahasi kwaNafetali, yena owathatha uBasemati indodakazi kaSolomoni abe ngumkakhe,
16 noBahana indodana kaHushayi kwa-Asheri nase-Aloti,
17 noJehoshafati indodana kaPharuwa kwa-Isakare,
18 noShimeyi indodana ka-Ela kwaBenjamini,
19 noGeberi indodana ka-Uri ezweni lakwaGileyadi, izwe likaSihoni inkosi yama-Amori no-Ogi inkosi yaseBashani, ngokuba kwakuyinduna eyodwa kulelo zwe.
20 OJuda no-Israyeli babe baningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula.
21 USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.
22 Ukudla kukaSolomoni ngosuku olulodwa kwakungamakhora angamashumi amathathu empuphu ecolekileyo, namakhora angamashumi ayisithupha empuphu,
23 nezinkabi eziyishumi ezikhuluphalisiweyo, nezinkabi ezingamashumi amabili zasemadlelweni, nezimvu eziyikhulu ngaphandle kwezindluzele, namanxala, nezinsephe, nezinkuku ezikhuluphalisiweyo.
24 Wabusa ezweni lonke ngaphesheya koMfula kusukela eThifisa kuze kube seGaza phezu kwawo onke amakhosi ngaphesheya koMfula; wayenokuthula nxazonke zakhe.
25 OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.
26 USolomoni wayenezipani eziyizinkulungwane ezingamashumi amane zamahhashi ezinqola zakhe nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili.
27 Izinduna lezo zafunela ukudla inkosi uSolomoni nabo bonke abasondela etafuleni lenkosi uSolomoni, kwaba yileyo naleyo ngenyanga yayo; kwakungasweleki lutho.
28 Nebhali, nefoliji lamahhashi, namahhashi anejubane zakuletha endaweni lapho zikhona, kwaba yileyo naleyo njengokunqunyelwe yona.
29 UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nengqondo ebanzi kakhulu, nenhliziyo enkulu ngangesihlabathi esisogwini lolwandle.
30 Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwadlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibithe.
31 Ngokuba wayehlakaniphile kunabo bonke abantu: kuno-Ethani umEzra, noHemani, noKalikoli, noDarda amadodana kaMaholi, negama lakhe lalisezizweni zonke nxazonke.
32 Waqamba izaga eziyizinkulungwane ezintathu; amaculo akhe ayeyinkulungwane nanhlanu.
33 Wakhuluma ngemithi kusukela kuwo umsedari oseLebanoni kuze kube kulo ihisopi elimila odongeni; wakhuluma nangezinkomo, nangezinyoni, nangezilwanyana ezinwabuzelayo, nangezinhlanzi.
34 Kwafika abantu basezizweni zonke ukuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni bevela emakhosini onke abezwile ukuhlakanipha kwakhe.