1 AmaKhosi

Isahluko: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22

0:00
0:00

Isahluko 1

Inkosi uDavide yayisindala, ineminyaka eminingi; bayembesa ngezingubo, kepha ayifudumalanga.
2 Zase zithi kuyo izinceku zayo: "Inkosi yami, inkosi, mayifunelwe intombi esentsha ukuba ime phambi kwenkosi, iyiphathe, ilale ngasesifubeni sayo ukuba inkosi yami, inkosi, ifudumale."
3 Base befuna intombi enhle phakathi kwemikhawulo yonke yakwa-Israyeli, bathola u-Abishagi waseShunemi, bamletha enkosini.
4 Intombi yayiyinhle kakhulu, yayiphatha inkosi, yayikhonza, kepha inkosi ayiyazanga.
5 U-Adoniya indodana kaHagiti waziphakamisa, wathi: "Mina ngiyakuba yinkosi." Wazilungiselela izinqola, nabamahhashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukugijima phambi kwakhe.
6 Uyise wayengamdabukisanga nakanye ngokuthi: "Wenzeleni lokhu na?" Futhi wayebukeka emuhle kakhulu, wayelama u-Abisalomu.
7 Wacebisana noJowabe indodana kaSeruya no-Abiyathara umpristi; bamsiza u-Adoniya, bamlandela.
8 Kepha uSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, noNathani umprofethi, noShimeyi, noReyi, namaqhawe kaDavide abamlandelanga u-Adoniya.
9 U-Adoniya wahlaba izimvu, nezinkabi, namathole akhuluphalisiweyo ngasetsheni laseZoheleti eliseceleni kwe-Eni Rogeli; wamema bonke abafowabo, amadodana enkosi, nabantu bonke bakwaJuda, izinceku zenkosi;
10 kepha uNathani umprofethi, noBenaya, namaqhawe, noSolomoni umfowabo, kabamemanga.
11 UNathani wathi kuBati Sheba unina kaSolomoni: "Awuzwanga yini ukuthi u-Adoniya indodana kaHagiti uyabusa, uDavide inkosi yethu engakwazi, na?
12 Ngalokho woza ngikululeke ukuba usindise ukuphila kwakho nokuphila kwendodana yakho uSolomoni.
13 Hamba ungene enkosini uDavide, uthi kuyo: 'Wena nkosi yami, nkosi, awufunganga yini kuyo incekukazi yakho ngokuthi: "USolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi," na? Pho, kungani ukuba kubuse u-Adoniya na?'
14 Bheka, usakhuluma lapho nenkosi, nami ngiyakungena emva kwakho, ngiqinise amazwi akho."
15 UBati Sheba wayesengena enkosini ekamelweni; inkosi yayisindala; u-Abishagi waseShunemi wayikhonza inkosi.
16 UBati Sheba wakhothama, wakhuleka enkosini. Yathi inkosi: "Ubabeleni na?"
17 Wathi kuyo: "Nkosi yami, wafunga uJehova uNkulunkulu wakho kuyo incekukazi yakho ngokuthi: 'Ngempela uSolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi.'
18 Bheka, manje kubusa u-Adoniya; wena nkosi yami, nkosi, awukwazi;
19 usehlabile izinkabi, namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi, umemile onke amadodana enkosi, no-Abiyathara umpristi, noJowabe induna yempi; kepha uSolomoni inceku yakho kammemanga.
20 Wena nkosi yami, nkosi, amehlo abo bonke abakwa-Israyeli akuwe ukuba ubatshele ukuthi ngubani ozakuhlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami, inkosi, emva kwayo,
21 funa, lapho inkosi yami, inkosi, isilele koyise, mina nendodana yami uSolomoni kuthiwe sinecala."
22 Bheka, esakhuluma nenkosi, wangena uNathani umprofethi.
23 Bayitshela inkosi, bathi: "Bheka, nangu uNathani umprofethi." Lapho esengene enkosini wakhothama phambi kwenkosi, ubuso bakhe bubheke phansi.
24 UNathani wathi: "Nkosi yami, nkosi, wena ushilo yini ukuthi: 'U-Adoniya uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi,' na?
25 Ngokuba wehlile namuhla; uhlabile izinkabi, namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi, umemile onke amadodana enkosi, nezinduna zempi, no-Abiyathara umpristi; bheka, bayadla, bephuza phambi kwakhe, bathi: 'Mana njalo, nkosi Adoniya.'
26 Kodwa mina, mina nceku yakho, noSadoki umpristi, noBenaya indodana kaJehoyada, nenceku yakho uSolomoni, kasimemanga.
27 Le nto yenziwe yini yinkosi yami, inkosi, ungazazisanga izinceku zakho ukuthi ngubani oyakuhlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami, inkosi, emva kwayo, na?"
28 Yayisiphendula inkosi uDavide, yathi: "Ngibizele uBati Sheba." Wafika ebusweni benkosi, wema phambi kwenkosi.
29 Inkosi yayisifunga ngokuthi: "Kuphila kukaJehova ohlengile umphefumulo wami ekuhluphekeni kwami konke,
30 njengalokho ngafunga kuwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, ngathi: USolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi esikhundleni sami, ngiyakwenze njalo impela namuhla."
31 Wayesekhothama uBati Sheba, ubuso bakhe bubheke phansi, wakhuluma enkosini, wathi: "Mana njalo, nkosi yami, nkosi Davide."
32 Inkosi uDavide yayisithi: "Ngibizele uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada." Bafika phambi kwenkosi.
33 Inkosi yathi kubo: "Thathani izinceku zenkosi yenu, nimkhwelise uSolomoni indodana yami kuwo umnyuzi wami, nimehlisele eGihoni,
34 uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobe khona abe yinkosi phezu kuka-Israyeli; bese nibetha amacilongo, nithi: 'Mana njalo, nkosi Solomoni.'
35 Bese nenyuka emva kwakhe, afike ahlale esihlalweni sami sobukhosi, ngokuba uyakuba yinkosi esikhundleni sami; ngimbekile ukuba abe ngumbusi phezu kuka-Israyeli noJuda."
36 UBenaya indodana kaJehoyada wayiphendula inkosi, wathi: "Amen; uJehova uNkulunkulu wenkosi yami, inkosi, makasho njalo naye.
37 Njengalokho uJehova waba nenkosi yami, inkosi, makabe naye uSolomoni, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sobukhosi senkosi yami, inkosi uDavide."
38 Base behla uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti, bamkhwelisa uSolomoni kuwo umnyuzi wenkosi uDavide, bamyisa eGihoni.
39 USadoki umpristi wathatha uphondo lwamafutha etendeni, wamgcoba uSolomoni. Babetha amacilongo, bonke abantu bathi: "Mana njalo, nkosi Solomoni."
40 Bonke abantu benyuka emva kwakhe, abantu babetha imitshingo. Bathokoza ngokuthokoza okukhulu, kwaze kwangathi kuqhekezeka umhlaba ngomsindo wabo.
41 U-Adoniya nabo bonke abamenyiweyo ababe naye bawuzwa sebeqedile ukudla. UJowabe esezwa ukukhala kwecilongo wathi: "Ngowani lo msindo wokuxokozela emzini na?"
42 Esakhuluma, bheka, kwafika uJonathani indodana ka-Abiyathara umpristi; u-Adoniya wathi: "Ngena, ngokuba wena uyindoda enamandla; uze nodaba oluhle."
43 UJonathani waphendula, wathi ku-Adoniya: "Qha, inkosi yethu, inkosi uDavide, imbekile uSolomoni inkosi;
44 inkosi ithumile naye uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti, bamkhwelisa kuwo umnyuzi wenkosi;
45 uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobile eGihoni abe yinkosi; sebenyukile khona bejabula, ngangokuba kwakhamuluka umuzi. Yiwo umsindo eniwuzwile.
46 Futhi uSolomoni usehlezi esihlalweni sobukhosi sombuso.
47 Nezinceku zenkosi zafika ukuyibusisa inkosi yethu, inkosi uDavide, ngokuthi: 'UNkulunkulu wakho makenze igama likaSolomoni libe lihle kunegama lakho, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sakho sobukhosi; inkosi yakhothama embhedeni wayo.'
48 Futhi yasho kanje inkosi, yathi: 'Makabusiswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli omisile namuhla oyakuhlala esihlalweni sami sobukhosi, ekubona amehlo ami.' "
49 Abamenyiweyo bonke baka-Adoniya besaba, basuka, bahamba bonke, kwaba yilowo nalowo ngendlela yakhe.
50 U-Adoniya wesaba ngenxa kaSolomoni; wasuka wahamba, wabamba izimpondo ze-altare.
51 Kwabikwa kuSolomoni ukuthi: "Bheka, u-Adoniya uyayesaba inkosi uSolomoni; ngalokho ubambile izimpondo ze-altare, ethi: 'Inkosi uSolomoni mayifunge kimi namuhla ukuthi ayiyikubulala inceku yayo ngenkemba.' "
52 Wathi uSolomoni: "Uma eyakuba yindoda enamandla, akuyikuwela emhlabathini nolulodwa unwele lwakhe, kepha uma okubi kufumaniseka kuye, uyakufa."
53 Yayisithumela inkosi uSolomoni, bamehlisa e-altare. Wafika, wakhuleka enkosini uSolomoni; uSolomoni wathi kuye: "Hamba, uye endlini yakho."