2 Samuweli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24

0:00
0:00

Isahluko 6

UDavide wabuye wabutha bonke abakhethiweyo bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamashumi amathathu.
2 UDavide wahamba nabo bonke abantu ababe naye, besuka eBali Juda ukwenyusa khona umphongolo kaNkulunkulu obizwa ngeGama, lona igama likaJehova Sebawoti ohlala phezu kwamakherubi.
3 Bawuhambisa umphongolo kaNkulunkulu ngengqukumbane entsha, bewukhipha endlini ka-Abinadaba eyayisegqumeni; o-Uza no-Ahiyo amadodana ka-Abinadaba bashayela leyo ngqukumbane entsha.
4 Bayikhipha-ke endlini ka-Abinadaba eyayisegqumeni kanye nomphongolo; u-Ahiyo wahamba phambi komphongolo.
5 UDavide kanye nendlu yonke ka-Israyeli bathokoza ebusweni bukaJehova benezinto zonke zokubetha zomsayipuresi, namahabhu, nezingubhu, nezigubhu, nobuxhaka, namasimbali.
6 Ekufikeni kwabo esibuyeni sikaNakoni u-Uza welulela isandla emphongolweni kaNkulunkulu, wawubamba, ngokuba izinkabi zashelela.
7 Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Uza, uNkulunkulu wamshaya lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela khona ngasemphongolweni kaNkulunkulu.
8 UDavide wadabuka ngokuba uJehova emhlasele u-Uza, wayibiza leyo ndawo ngokuthi iPheresi-Uza kuze kube namuhla.
9 UDavide wamesaba uJehova ngalolo suku. Wathi: “Umphongolo kaJehova uyakuza kanjani kimi na?”
10 Ngalokho uDavide akavumanga ukuwuletha umphongolo kaJehova kuye emzini kaDavide, kepha uDavide wawubuyisela eceleni endlini ka-Obede Edomi umGiti.
11 Umphongolo kaJehova wahlala endlini ka-Obede Edomi umGiti izinyanga ezintathu; uJehova wambusisa u-Obede Edomi nendlu yakhe yonke.
12 Kwatshelwa inkosi uDavide ukuthi uJehova ubusisile indlu ka-Obede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wahamba wenyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Obede Edomi, wawuyisa emzini kaDavide ngokujabula.
13 Kwakuthi ababethwele umphongolo kaJehova sebehambile izinyathelo eziyisithupha, wahlaba inkabi nethole elikhuluphalisiweyo.
14 UDavide wasina phambi kukaJehova ngamandla akhe onke; uDavide wayebhince ingubo yamahlombe yelineni.
15 Kanjalo uDavide nayo yonke indlu ka-Israyeli benyusa umphongolo kaJehova ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.
16 Kwathi umphongolo kaJehova ungena nje emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaJehova; wayidelela enhliziyweni yakhe.
17 Bawungenisa umphongolo kaJehova, bawubeka endaweni yawo phakathi kwetende uDavide alimisele wona; uDavide wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.
18 UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wabusisa abantu egameni likaJehova Sebawoti.
19 Wababela bonke abantu esixukwini sonke sakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, kwaba yilowo nalowo ucezu lwesinkwa, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo. Base behamba abantu bonke, baya, kwaba yilowo nalowo ekhaya lakubo.
20 UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe. UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: “Yeka udumo lwenkosi ka-Israyeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.”
21 Wayesethi uDavide kuMikhali: “Ngaphambi kukaJehova owangikhetha phezu kukayihlo naphezu kwayo yonke indlu yakhe ukungimisa ukuba ngibe ngumbusi wabantu bakaJehova kwa-Israyeli, yebo, ngaphambi kukaJehova ngathokoza.
22 Ngiyakudeleleka kakhulu kunalokho, ngithotshiswe nasemehlweni ami, kodwa izincekukazi okhulume ngazo ngiyakudunyiswa yizo.”
23 UMikhali indodakazi kaSawule akazalanga mntwana kwaze kwaba lusuku lokufa kwakhe.