2 Samuweli

Isahluko: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24

0:00
0:00

Isahluko 1

Kwathi emva kokufa kukaSawule, uDavide esebuyile ekubulaleni ama-Amaleki, futhi uDavide esehlale izinsuku ezimbili eSikilagi,
2 kwathi-ke ngosuku lwesithathu, bheka, kwaphuma umuntu ekamu likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda, wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.
3 UDavide wathi kuye: “Uvelaphi na?” Wathi kuye: “Ngibalekile ekamu lakwa-Israyeli.”
4 UDavide wayesethi kuye: “Bekunjani na? Ake ungitshele.” Wathi: “Abantu babalekile empini, nabantu abaningi bawile, bafa; oSawule noJonathani indodana yakhe bafile nabo.”
5 UDavide wathi kuleyo nsizwa eyamtshelayo: “Wazi kanjani ukuthi oSawule noJonathani indodana yakhe bafile na?”
6 Insizwa eyamtshelayo yathi: “Ngithe ngisentabeni yaseGilibowa, bheka, uSawule wencika emkhontweni, kwamjonga kakhulu izinqola nabamahhashi.
7 Lapho ebheka emuva, wangibona, wangibiza. Ngaphendula ngokuthi: ‘Ngilapha.’
8 “Wathi kimi: ‘Wena ungubani na?’ Ngathi kuye: ‘NgingumAmaleki.’
9 “Wathi kimi: ‘Ake ume ngakimi, ungibulale, ngokuba ngishaywe yisiyezi, nokuphila kusekhona kimi.’
10 “Ngase ngima ngakuye, ngambulala, ngokuba ngakwazi ukuthi angephile esewile, ngathatha umqhele owawusekhanda lakhe, nesongo elalisengalweni yakhe, ngikulethile lapha enkosini yami.”
11 UDavide wayesebamba izingubo zakhe, waziklebhula kanye nawo onke amadoda ayenaye.
12 Balila, bakhala, bazila ukudla kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule, noJonathani indodana yakhe, nabantu bakaJehova, nendlu ka-Israyeli, ngokuba bebewile ngenkemba.
13 Wathi uDavide kuyo insizwa eyayimtshelile: “Ungowaphi na?” Wathi: “Ngiyindodana yomuntu ogogobele nje, umAmaleki.”
14 UDavide wathi kuyo: “Yini ukuba ungesabanga ukwelula isandla sakho, ubhubhise ogcotshiweyo kaJehova, na?”
15 UDavide wayesebiza enye yezinsizwa, wathi: “Sondela, umsukele.” Yamshaya waze wafa.
16 UDavide wathi kuye: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaJehova.’ ”
17 UDavide walila ngalesi sililo ngoSawule noJonathani indodana yakhe,
18 wathi mabafundiswe abantwana bakwaJuda eyoMnsalo; bheka, silotshiwe eNcwadini Yoqotho.
19 “Udumo lwakho, Israyeli, lubulewe ezindaweni eziphakemeyo. Yeka ukuwa kwamaqhawe!
20 “Ningakusho eGati, ningakumemezeli ezitaladini zase-Ashikeloni, funa amadodakazi amaFilisti ajabule, namadodakazi abangasokile athokoze.
21 “Nina zintaba zaseGilibowa, makungabikho mazolo namvula phezu kwenu, nokugubha kotwa, ngokuba isihlangu samaqhawe santshingwa, isihlangu sikaSawule, singagcotshwanga ngamafutha.
22 Egazini lababuleweyo nasemanonini amaqhawe umnsalo kaJonathani awuphindelanga emuva, nenkemba kaSawule ayibuyelanga ize.
23 “OSawule noJonathani babethandeka, bemnandi; ekuphileni nasekufeni kwabo kabahlukaniswanga; babenejubane kunezinkozi, babenamandla kunezingonyama.
24 “Nina madodakazi akwa-Israyeli, mkhaleleni uSawule owanigqokisa kamnandi ngokubomvu, owavunulisa izambatho zenu ngezivunulo zegolide.
25 “Yeka ukuwa kwamaqhawe phakathi kokulwa! UJonathani ubulewe ezindaweni zakho eziphakemeyo.
26 “Ngidabukile ngawe mfowethu Jonathani; wawumnandi kakhulu kimi; lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho, ludlula uthando lwabesifazane.
27 “Yeka ukuwa kwamaqhawe, nokuphela kwezikhali zokulwa!”