Joshuwa

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24

0:00
0:00

Isahluko 18

Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana; izwe lanqotshwa phambi kwabo.
2 Kwasala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli izizwe eziyisikhombisa ezingakabelwa ifa lazo.
3 UJoshuwa wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Niyakuyekethisa kuze kube nini ukuya ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninike lona na?
4 Zimiseleni amadoda amathathu izizwe ngezizwe; ngiyakuwathuma ukuba asuke ahambe ezweni, alilobe njengamafa azo, aze afike kimi.
5 Ayakwahlukanisa izabelo eziyisikhombisa: uJuda uyakuhlala emkhawulweni wakhe ngaseningizimu, indlu kaJosefa ihlale emkhawulweni wayo ngasenyakatho.
6 Anoloba izwe kube yizabelo eziyisikhombisa, nikulethe lapha kimi, nginenzele inkatho lapha phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu.
7 Ngokuba amaLevi awanasabelo phakathi kwenu, lokhu ubupristi bukaJehova buyifa lawo; oGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase sebamukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga abanika lona uMose inceku kaJehova.”
8 Amadoda ayesesuka, ahamba; uJoshuwa wayala abahambayo ukuba balobe izwe, wathi: “Sukani nihambe ezweni, nililobe, nibuyele kimi, nginenzele inkatho phambi kukaJehova eShilo.”
9 Ayesehamba amadoda, adabula izwe, aliloba ngemizi, kwaba yizabelo eziyisikhombisa encwadini; afika kuJoshuwa ekamu laseShilo.
10 UJoshuwa wawenzela inkatho eShilo phambi kukaJehova; uJoshuwa wababela khona abantwana bakwa-Israyeli izwe njengezabelo zalo.
11 Inkatho yadla isizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo; umkhawulo wesabelo sabo waphuma phakathi kwabantwana bakwaJuda nabantwana bakwaJosefa.
12 Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho waphuma eJordani; umkhawulo wenyuka eceleni kweJeriko ngasenyakatho, wakhuphukela ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakungasehlane laseBeti Aveni.
13 Umkhawulo wasuka lapho, waya eLuze eceleni kweLuze eliyiBethele ngaseningizimu; umkhawulo wawusehlela e-Atharoti Adari ngasentabeni engaseningizimu kwaseBeti Horoni laseNzansi.
14 Umkhawulo wasuka, wajika ngasohlangothini lwasentshonalanga ngaseningizimu, kusukela entabeni ephambi kweBeti Horoni ngaseningizimu; ukuphuma kwawo kwakungaseKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, umuzi wabantwana bakwaJuda; lokho kwakuluhlangothi lwasentshonalanga.
15 Uhlangothi lwaseningizimu lwasuka ekupheleni kweKiriyati Jeharimi, umkhawulo waphuma waya ngasentshonalanga emthonjeni wamanzi aseNefitowa;
16 umkhawulo wawusehlela ngasekupheleni kwentaba engaphambi kwesigodi sendodana kaHinomu esiyisigodi samaRefa ngasenyakatho; wehlela esigodini sikaHinomu eceleni kwamaJebusi ngaseningizimu, wehlela e-Eni Rogeli;
17 wasuka enyakatho, waphuma e-Eni Shemeshi, waya eGeliloti elibhekene nommango wase-Adumimi, wehlela etsheni likaBohanu indodana kaRubeni;
18 wadlula waya eceleni elibhekene ne-Araba ngasenyakatho, wehlela e-Araba;
19 umkhawulo wadlula, waya eceleni kweBeti Hogila ngasenyakatho, ukuphuma komkhawulo kwakungasethekwini lasenyakatho koLwandle Lukasawoti ngasekugcineni kweJordani ngaseningizimu; lokho kwakungumkhawulo waseningizimu.
20 IJordani lalingumkhawulo walo ngasohlangothini lwasempumalanga. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini njengemikhawulo yabo nxazonke ngemindeni yabo.
21 Imizi yesizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo yayiyiJeriko, neBeti Hogila, ne-Emeki Kesisi,
22 neBeti Araba, neSemarayimi, neBethele,
23 ne-Avimi, nePhara, ne-Ofira,
24 neKefari Amoni, ne-Ofini, neGeba, imizi iyishumi nambili nemizana yayo;
25 iGibeyoni, neRama, neBeyeroti,
26 neMispa, neKefira, neMosa,
27 neRekemi, ne-Iripeyeli, neTarala,
28 neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeyati, neKiriyati, imizi iyishumi nane nemizana yayo. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo.