Joshuwa

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24

0:00
0:00

Isahluko 15

Isabelo sesizwe sabantwana bakwaJuda ngemindeni yabo sasingasemkhawulweni wakwa-Edomi nasehlane laseSini ngaseningizimu, ngasekupheleni kweningizimu.
2 Umkhawulo wabo waseningizimu wasuka ekupheleni koLwandle Lukasawoti, ethekwini elibheka ngaseningizimu,
3 waphuma waya ngaseningizimu kommango wase-Akarabimi, wadlula waya eSini, wakhuphuka ngaseningizimu kwaseKadeshi Barineya, wadlula ngaseHesironi, wenyukela e-Adari, wajika waya eKaraka;
4 wadlula waya e-Asimoni, waya emfuleni waseGibithe; ukuphuma komkhawulo kwakungaselwandle; lowo uyakuba ngumkhawulo wenu waseningizimu.
5 Umkhawulo wasempumalanga wawuluLwandle Lukasawoti kuze kufike ekugcineni kweJordani. Umkhawulo wasohlangothini lwasenyakatho wasuka ethekwini lolwandle ngasekugcineni kweJordani;
6 umkhawulo wenyukela eBeti Hogila, wadlula ngasenyakatho kweBeti Araba; umkhawulo wakhuphukela etsheni likaBohanu indodana kaRubeni;
7 umkhawulo wenyukela eDebiri usuka esigodini sase-Akori ngasenyakatho, ubheka ngaseGiligali elibhekana nommango wase-Adumimi elingaseningizimu komfula; umkhawulo wawusudlula, waya emanzini asemthonjeni waseShemeshi; ukuphuma kwawo kwakungasemthonjeni waseRogeli;
8 wawusukhuphuka umkhawulo esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kweJebusi ngaseningizimu, eliyiJerusalema; umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba engaphambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga ngasekugcineni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho;
9 umkhawulo wawususuka esiqongweni sentaba, waya emthonjeni wamanzi aseNefitowa, waphuma waya emizini yasentabeni yase-Efroni; umkhawulo wasuka waya eBahala eliyiKiriyati Jeharimi;
10 umkhawulo wajika usuka eBahala ngasentshonalanga, waya entabeni yaseSeyiri, wadlula waya eceleni kwentaba yaseJeharimi ngasenyakatho, eliyiKesaloni, wehlela eBeti Shemeshi, wadlula ngaseThimna;
11 umkhawulo wawusuphuma, waya eceleni kwe-Ekroni ngasenyakatho; umkhawulo wasuka waya eShikeroni, wadlula waya entabeni yaseBahala, waphuma eJabineyeli; ukuphuma komkhawulo kwakuselwandle.
12 Umkhawulo wasentshonalanga wawuluLwandle Olukhulu nogu lwalo. Lokho kungumkhawulo wabantwana bakwaJuda nxazonke ngemindeni yabo.
13 Wamnika uKalebi indodana kaJefune isabelo phakathi kwabantwana bakwaJuda njengesiyalezo sikaJehova kuJoshuwa, umuzi ka-Araba uyise ka-Anaki, oyiHebroni.
14 UKalebi waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki, oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki.
15 Wasuka lapho, wenyukela kwabakhileyo eDebiri; igama leDebiri laliyiKiriyati Seferi kuqala.
16 UKalebi wathi: “Onqoba iKiriyati Seferi, alithathe, yena ngiyakumnika u-Akisa indodakazi yami abe ngumkakhe.”
17 U-Otheniyeli indodana kaKenazi umfowabo kaKalebi walithatha; wayesemnika u-Akisa indodakazi yakhe abe ngumkakhe.
18 Kwathi ekufikeni kwakhe wamnxusa ukuba acele insimu kuyise; wehla embongolweni yakhe; uKalebi wathi kuye: “Ukhala ngani?”
19 Wathi: “Ngiphe isipho; lokhu unginike izwe laseningizimu, ngiphe nemithombo yamanzi.” Wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.
20 Leli liyifa lesizwe sabantwana bakwaJuda ngemindeni yabo.
21 Imizi esekupheleni kwesizwe sabantwana bakwaJuda ngasemkhawulweni wakwa-Edomi ngaseningizimu yayiyiKabiseyeli, ne-Edere, neJaguri,
22 neKina, neDimona, ne-Adada,
23 neKedeshi, neHasori, ne-Itinani,
24 neZifi, neTeleme, neBehaloti,
25 neHasori Hadatha, neKeriyote Hesironi eliyiHasori,
26 ne-Amamu, neShema, neMolada,
27 neHasari Gada, neHeshimoni, neBeti Pheleti,
28 neHasari Shuwali, neBeri Sheba, neBiziyotiya,
29 neBahala, ne-Ijimi, ne-Eseme,
30 ne-Elitoladi, neKesili, neHorma,
31 neSikilagi, neMadimana, neSanisana,
32 neLebawoti, neShilehimi, ne-Ayini, neRimoni, yonke imizi ingamashumi amabili nesishiyagalolunye nemizana yayo.
33 Emathafeni: i-Eshitawoli, neSora, ne-Ashina,
34 neZanowa, ne-Eni Ganimi, neTaphuwa, ne-Enamu,
35 neJarimuthi, ne-Adulamu, neSoko, ne-Azeka,
36 neShaharayimi, ne-Aditayimi, neGedera, neGederotayimi, imizi iyishumi nane nemizana yayo.
37 ISenani, neHadasha, neMigidali Gadi,
38 neDilani, neMispa, neJokiteyeli,
39 neLakishi, neBosikati, ne-Egiloni,
40 neKaboni, neLahimamu, neKitilishi,
41 neGederoti, neBeti Dagoni, neNahama, neMakheda, imizi iyishumi nesithupha nemizana yayo.
42 ILibina, ne-Etere, ne-Ashani,
43 neJifita, ne-Ashina, neNesibe,
44 neKeyila, ne-Akizibi, neMaresha, imizi iyisishiyagalolunye nemizana yayo.
45 I-Ekroni nemizi yalo nemizana yalo;
46 kusukela e-Ekroni kuze kufike elwandle, yonke eyayiseceleni kwe-Ashidodi nemizana yayo.
47 I-Ashidodi nemizi yalo nemizana yalo; iGaza nemizi yalo nemizana yalo, kuze kufike emfuleni waseGibithe, naseLwandle Olukhulu nogu lwalo.
48 Ezintabeni: iShamiri, neJatiri, neSoko,
49 neDana, neKiriyati Sana eliyiDebiri,
50 ne-Anabi, ne-Eshitemo, ne-Animi,
51 neGosheni, neHoloni, neGilo, imizi iyishumi nanye nemizana yayo.
52 I-Araba, neDuma, ne-Eshani,
53 neJanimi, neBeti Taphuwa, ne-Afeka,
54 neHumitha, neKiriyati Araba eliyiHebroni, neSiyori, imizi iyisishiyagalolunye nemizana yayo.
55 IMahoni, neKarmeli, neZifi, neJutha,
56 neJizreyeli, neJokideyamu, neZanowa,
57 neKayini, neGibeya, neThimna, imizi iyishumi nemizana yayo.
58 IHalihuli, neBeti Suri, neGedori,
59 neMaharati, neBeti Anoti, ne-Elitekoni, imizi iyisithupha nemizana yayo.
60 IKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, neRaba, imizi mibili nemizana yayo.
61 Ehlane: iBeti Araba, neMidini, neSekaka,
62 neNibishani, noMuzi kaSawoti, ne-Eni Gedi, imizi iyisithupha nemizana yayo.
63 AmaJebusi ayakhe eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.