1 Thimothewu

Isahluko: 1 2 3 4 5 6

0:00
0:00

Isahluko 1

UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu noKristu Jesu ithemba lethu,
2 kuThimothewu, umntanami ngesiminya ekukholweni: Makube kuwe umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu.
3 Njengokuba ngakutshela mhla ngiya eMakedoniya ukuthi wohlala e-Efesu, ukuze uyale abathile ngokuthi bangafundisi okwahlukileyo,
4 futhi banganaki izinganekwane nezindaba zolibo olokuzalana ezingapheliyo, ezibanga ukuphikisana kunokuba ziqhube isimiso sikaNkulunkulu esisekukholweni, ngenza njalo namanje;
5 kepha umgomo womyalo uluthando oluvela enhliziyweni emhlophe, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo,
6 abathe abanye bephaphalazile kulokho, baphambukela ekukhulumeni okuyize,
7 befuna ukuba babe ngabafundisi bomthetho, ingani kabaqondi abakushoyo nabaqinisa ngakho begomela.
8 Siyazi kambe ukuthi umthetho muhle, nxa umuntu ewusebenzisa ngokomthetho,
9 ekwazi lokhu ukuthi umthetho awumiselwe olungileyo, umiselwe abangenamthetho namahlongandlebe, abangamesabi uNkulunkulu nabayizoni abahlazisayo nabadumazayo, nababulali bawonina, nababulala abantu,
10 nezifebe, nabesilisa abalalanayo, nabathumbabantu, nabaqambimanga, nabafungela amanga, noma kungakhona okunye okuphambene nesifundiso esiphilileyo,
11 ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo, engaphathiswa lona mina.
12 Ngiyambonga owangenzela amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni,
13 noma kade ngingohlambalazayo, nozingelayo, nohluphayo; kodwa ngahawukelwa ngokuba ngakwenza ngokungazi, ngokungakholwa.
14 Kepha umusa weNkosi yethu wavama kakhulu kanye nokukholwa nothando olukuKristu Jesu.
15 Likholekile leli zwi, lifanele impela ukwamukelwa ukuthi uKristu Jesu weza ezweni ukusindisa izoni, engingesikhulu kuzo;
16 kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uJesu Kristu abonakalise kimi engingesikhulu konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kwabazakukholwa nguye, baze babe nokuphila okuphakade.
17 Kuyo iNkosi yaphakade engabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
18 Lo myalo ngiwuthwesa wena mntanami Thimothewu njengeziprofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ulwe ukulwa okuhle ngazo,
19 unokukholwa nonembeza omuhle, okuthe abanye bekulahlile, bafelwa umkhumbi wokukholwa,
20 abakubona oHimenewu no-Aleksandru engibanikele kuSathane, ukuze balaywe ukuba bangahlambalazi.