Filipi

Isahluko:1 2 3 4

0:00
0:00

Isahluko 4

Ngalokho, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, ntokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa.
2 Ngiyamyala u-Evodiya, ngiyamyala noSintike ukuba babe nokuqonda kunye eNkosini.
3 Yebo, ngiyakunxusa nawe mana wami oqotho, yelekelela labo besifazane, lokhu babambisana nami evangelini, kanye noKlemente nezinye izisebenzi zami abamagama abo asencwadini yokuphila.
4 Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani!
5 Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze.
6 Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.
7 Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.
8 Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho;
9 enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
10 Kepha-ke ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senize navuselela ukunginakekela kwenu; beninginakekela kambe, kepha anibanga nathuba.
11 Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela, ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani.
12 Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela.
13 Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.
14 Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami.
15 Niyazi nani nina baseFilipi ukuthi ekuqaleni kwevangeli ekuphumeni kwami eMakedoniya kwakungekho bandla nelilodwa elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa,
16 ngokuba naseThesalonika nathumela kanye nakabili ngokuswela kwami.
17 Akusikho ukuthi ngifuna isipho, kodwa ngifuna isithelo esiyakwandisa okubalelwa nina.
18 Kepha nginakho konke ngokweqileyo; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu-Ephafrodithu okuvela kinina, iphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.
19 UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu.
20 KuNkulunkulu noBaba wethu makube ludumo kuze kube phakade naphakade. Amen.
21 Ngikhonzeleni kwabangcwele bonke abakuKristu Jesu. Abazalwane abanami bakhonza kinina.
22 Abangcwele bonke bayakhonza kini, ikakhulu abendlu kaKesari.
23 Umusa weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya wenu.