Efesu

Isahluko:1 2 3 4 5 6

0:00
0:00

Isahluko 3

Ngenxa yalokho mina Pawulu ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu nina bezizwe —
2 uma ngabe senizwile ngohlelo lomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo ngenxa yenu
3 ukuthi ngaziswa imfihlakalo ngesambulo, njengalokho sengaloba ngokufushane —
4 okungakho, nxa nikufunda, ningaqonda ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKristu,
5 bengayaziswanga abantwana babantu ezizukulwaneni ezinye, njengalokhu isiyambuliwe manje kubaphostoli bakhe abangcwele nabaprofethi ngoMoya
6 ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi, nokuthi bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKristu Jesu ngevangeli;
7 engenziwa isikhonzi salo ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe ngokokusebenza kwamandla akhe.
8 Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo
9 nokubakhanyisela ukuthi luyini uhlelo lwemfihlakalo ebifihliwe kwaphakade kuNkulunkulu owadala izinto zonke,
10 ukuze imibuso nabanamandla emazulwini baziswe manje ngebandla ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,
11 ngokwecebo laphakade alenza ngoKristu Jesu iNkosi yethu;
12 okungaye sinesibindi ukungena ngokwethemba, ngokukholwa nguye.
13 Ngalokho ngiyacela ukuba ningadangali ngezinhlupheko zami ngenxa yenu, okuludumo lwenu.
14 Ngenxa yalokho ngiguqa ngamadolo ami kuYise,
15 eyethiwa ngaye imindeni yonke ezulwini nasemhlabeni,
16 ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi;
17 uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni,
18 nibe namandla okuqonda kanye nabangcwele bonke okungububanzi, nobude, nokuphakama, nokujula,
19 nokulwazi uthando lukaKristu oludlula ukwazi konke, ukuze nigcwaliswe kube ngukugcwala konke kukaNkulunkulu.
20 Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi,
21 makube kuye udumo ebandleni nakuKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen.