IzEnzo

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28

0:00
0:00

Isahluko 28

Kwathi sesisindile khona, sezwa ukuthi isiqhingi sithiwa iMelitha.
2 Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, ngokuba babebasa umlilo, basamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza.
3 Kepha uPawulu ecakashile ixha lezinsaba, elibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe.
4 Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.”
5 Kodwa yena wasinikinela isilwane emlilweni, akaze alimala.
6 Kepha babheka ukuthi usezakuvuvuka, nokuba awe phansi masinyane, afe. Kepha sebebheka isikhathi eside, bebona ukuthi akafikelwa ngozi, baphenduka bathi ungunkulunkulu.
7 Kwakukhona kuleyo ndawo izwe lesikhulu sesiqhingi, igama laso linguPhubiliyu; yena wasamukela, wasiphatha kahle izinsuku ezintathu.
8 Kepha uyise kaPhubiliyu wayelele phansi ephethwe ngumkhuhlane nembo; uPawulu wangena kuye, wakhuleka, wabeka izandla phezu kwakhe, wamphilisa.
9 Kwathi lokho sekwenzekile, beza nabanye abasesiqhingini abanezifo, baphulukiswa,
10 basitusa ngokutusa okuningi; kwathi mhla simuka ngomkhumbi, basinika esikudingayo.
11 Emva kwezinyanga ezintathu sase simuka ngomkhumbi wase-Aleksandriya owawudlulisa ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungolwamaWele.
12 Sangena eSirakhuse, sahlala izinsuku ezintathu;
13 sasuka lapho, sagwegwesa, safika eRegiyu. Sekudlule usuku lwaba lunye, kwavuka iningizimu, safika ePhutheyoli ngosuku lwesibili.
14 Safumana khona abazalwane, sancengwa ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; kanjalo safika eRoma.
15 Abazalwame sebezwile ngathi basuka khona, beza ukusihlangabeza baze bafika e-Aphiyo Foru naseTresi Thaberne; uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.
16 Sesifikile eRoma, uPawulu wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo.
17 Kwathi emva kwezinsuku ezintathu wabizela ndawonye kuye abakhulu babaJuda; sebebuthene, wathi kubo: “Madoda, bazalwame, noma mina ngingenzanga lutho oluphambene nesizwe namasiko awobaba, nokho ngasuswa eJerusalema ngiyisiboshwa, nganikelwa ezandleni zamaRoma;
18 wona esengihlolile afuna ukungikhulula, ngokuba kungekho cala kimi lokuba ngife;
19 kepha abaJuda bekuphikisa, ngacindezelwa ukuba ngilidlulisele kuKesari, kungesikho ukuthi ngisimangalela isizwe sakithi ngalutho.
20 Ngakho ngaleso sizathu nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani; ngokuba ngenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”
21 Base bethi kuye: “Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya, akufikanga namuntu wabazalwane ukubika nokukhuluma utho olubi ngawe.
22 Kepha sithi kufanele sizwe kuwe okucabangayo, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.”
23 Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi, wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.
24 Abanye baneliswa ngokwakhulunywayo, abanye abakholwanga;
25 kwathi ukuba bangezwani bodwa, bamuka, uPawulu esekhuluma izwi labalinye lokuthi: “Wakhuluma kahle uMoya oNgcwele ngo-Isaya umprofethi koyihlo
26 ngokuthi: “ ‘Hamba uye kulesi sizwe, uthi: “Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda, nangokubona niyakubona, ningaze nabonisisa,
27 ngokuba inhliziyo yalesi sizwe seyaba buthuntu; bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphilise.” ’
28 “Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakuzwa.”
29 Kwathi eseshilo lokho, abaJuda baphuma benokuphikisana okukhulu phakathi kwabo.
30 Kepha uPawulu wahlala iminyaka emibili egcwele endlini yakhe ayiqashileyo, wamukela bonke abeza kuye,
31 washumayela umbuso kaNkulunkulu, wafundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu Kristu, enganqatshelwa muntu.