Johane

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21

0:00
0:00

Isahluko 4

Kwathi ukuba iNkosi yazi ukuthi abaFarisi bezwile ukuba uJesu wenza abafundi, ebhapathiza abaningi kunoJohane,
2 ingani uJesu uqobo kabhapathizanga, kodwa kwakubhapathiza abafundi bakhe,
3 yamuka eJudiya, yaphindela eGalile.
4 Kwakuswelekile ukuba adabule iSamariya.
5 Khona wafika emzini waseSamariya ogama lawo yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe.
6 Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.
7 Owesifazane waseSamariya weza ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ngiphuzise.”
8 Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini beyothenga ukudla.
9 Khona owesifazane waseSamariya wathi kuye: “Yini ukuba wena ongumJuda ucele ukuphuziswa yimi engingowesifazane waseSamariya na?” Ngokuba abaJuda abadlelani namaSamariya.
10 UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu nokuthi ngubani othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ nga ucele kuye, yena nga ekunikile amanzi aphilayo.”
11 Wathi kuye: “Nkosi, awuphethe lutho lokukha amanzi, umthombo ujulile; uwathathaphi, pho, lawo manzi aphilayo na?
12 Kanti wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo, yena kanye namadodana akhe nemihlambi yakhe, na?”
13 Waphendula uJesu, wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome;
14 kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.”
15 Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiphe lawo manzi ukuba ngingomi, ngingabe ngiseza ukukha lapha.”
16 Wathi kuye: “Hamba ubize indoda yakho, uze lapha.”
17 Owesifazane waphendula wathi: “Anginandoda.” UJesu wathi kuye: “Usho kahle ukuthi: ‘Anginandoda;’
18 ngokuba usuke waba namadoda ayisihlanu; le onayo kalokhu akusiyo indoda yakho. Lokhu ukusho ngeqiniso.”
19 Owesifazane wathi kuye: “Nkosi, ngiyabona ukuthi ungumprofethi wena.
20 Okhokho bethu babekhulekela kule ntaba; nina-ke nithi iseJerusalema indawo lapho kufanele kukhulekelwe khona.”
21 UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningasayikukhuleka kuBaba nakule ntaba naseJerusalema.
22 Nina nikhuleka kweningakwaziyo, thina sikhuleka kwesikwaziyo; ngokuba insindiso ivela kubaJuda.
23 Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.
24 UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.”
25 Owesifazane wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uMesiya uyeza, othiwa uKristu; nxa esefikile yena, uyakusitshela konke.”
26 UJesu wathi: “Nginguye mina engikhuluma nawe.”
27 Ngaleyo nkathi bafika abafundi bakhe; bamangala ngokuba ekhuluma nowesifazane; nokho akubangakho owathi: “Ufunani na?” noma: “Ukhulumelani naye na?”
28 Owesifazane wayeseshiya imbiza yakhe, waya emzini, wathi kubantu:
29 “Wozani nibone umuntu ongitshele konke engikwenzileyo; kungebe nguye uKristu na?”
30 Baphuma emzini, beza kuye.
31 Kusenjalo abafundi bamncenga bathi: “Rabi, yidla.”
32 Kepha wathi kubo: “Nginokudla engikudlayo eningakwaziyo.”
33 Base bekhuluma bodwa abafundi, bethi: “Ukhona yini omlethele ukudla na?”
34 UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe.
35 Anisho yini ukuthi izinyanga zisezine kufike ukuvuna na? Bhekani, ngithi kini: Phakamisani amehlo enu, nibone ukuthi amasimu asemhlophe, aselungele ukuvunwa.
36 Ovunayo wamukeliswa umvuzo, abuthe isithelo kube ngukuphila okuphakade ukuba ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo.
37 Ngokuba kulokhu liqinisile izwi lokuthi: ‘Omunye uyahlwanyela, omunye avune.’
38 Mina nganithumela ukuvuna lokho eningakusebenzanga; abanye basebenzile, nina-ke ningene emsebenzini wabo.”
39 AmaSamariya amaningi alowo muzi akholwa nguye ngezwi lowesifazane owafakaza ngokuthi: “Ungitshele konke engikwenzileyo.”
40 Athe ukuba eze kuye amaSamariya, amncenga ukuba ahlale nawo; wahlala khona izinsuku ezimbili.
41 Bakholwa abaningi kakhulu futhi ngenxa yezwi lakhe.
42 Base bethi kowesifazane: “Asisakholwa ngokulanda kwakho nje, ngokuba sesizizwele ngokwethu, siyazi ukuthi lo ngempela unguMsindisi wezwe.”
43 Kepha emva kwezinsuku ezimbili waphuma lapho ukuya eGalile.
44 Ngokuba uJesu uqobo wafakaza ngokuthi umprofethi kaziswa ezweni lakubo.
45 Kuthe-ke ukuba afike eGalile, abaseGalile bamamukela bebone konke akwenzayo eJerusalema emkhosini; ngokuba nabo babezile emkhosini.
46 UJesu wayesephinda eza eKhana laseGalile, lapho enza khona amanzi abe yiwayini. Kwakukhona induna ethile yenkosi endodana yayo yayigula eKapernawume.
47 Yathi ukuba izwe ukuthi uJesu ufikile eGalile evela eJudiya, yaya kuye, yamncenga ukuba ehle aphulukise indodana yayo, ngokuba yayisizakufa.
48 Ngakho-ke uJesu wathi kuyo: “Uma ningaboni izibonakaliso nezimangaliso, anisoze nakholwa.”
49 Induna yenkosi yathi kuye: “Nkosi, yehla engakafi umntanami.”
50 Wathi kuyo uJesu: “Hamba, indodana yakho iphilile.” Lowo muntu wakholwa yizwi alishilo kuye uJesu, wahamba.
51 Kwathi esehla, izinceku zakhe zamhlangabeza, zathi umntanakhe uphilile.
52 Wayesezibuza isikhathi aqale ngaso ukuba ngcono; khona zathi kuye: “Umkhuhlane umyekile izolo ngehora lesikhombisa.”
53 Wayeseqonda uyise ukuthi yilona lelo hora uJesu asho ngalo kuye ukuthi: “Indodana yakho iphilile.” Wakholwa yena nendlu yakhe yonke.
54 Leso siyisibonakaliso sesibili uJesu asenza efikile eGalile evela eJudiya.