Luka

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24

0:00
0:00

Isahluko 5

Kwathi isixuku simbunganyela ukuba sizwe izwi likaNkulunkulu, wayemi ngaselwandle lwaseGenesaretha,
2 wabona imikhumbi emibili imi ngaselwandle; abadobi babephumile kuyo behlanza amanetha.
3 Esengene komunye wemikhumbi ongokaSimoni wamcela ukuba asuke kancane emhlabathini. Wahlala phansi, wabafundisa abantu esemkhunjini.
4 Kuthe esegcinile ukukhuluma, wathi kuSimoni: “Qhubekela ekujuleni, nehlise amanetha enu, nibambe.”
5 USimoni waphendula wathi: “Nkosi, sishikile ubusuku bonke, asibambanga lutho; kepha ngezwi lakho ngiyakuwehlisa amanetha.”
6 Sebekwenzile lokho babamba izinhlanzi eziningi kakhulu, aze agqabuka amanetha abo.
7 Babaqhweba omana babo abakomunye umkhumbi ukuba beze, bababambise. Beza-ke, bayigcwalisa imikhumbi yomibili, yaze yathi ayizike.
8 Kuthe uSimoni Petru ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.”
9 Ngokuba ubehlelwa ngukwesaba, yena kanye nabo bonke ababe naye, ngobuningi bezinhlanzi ababezibambile,
10 kanjalo-ke noJakobe noJohane amadodana kaZebedewu ababesebenzisana noSimoni. UJesu wathi kuSimoni: “Ungesabi; kusukela manje uzakubamba abantu.”
11 Sebeyilethile imikhumbi emhlabathini bashiya konke, bamlandela.
12 Kwathi ekomunye wemizi, bheka, nanso indoda egcwele uchoko. Kuthe embona uJesu, wawa ngobuso, wamnxusa wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.”
13 Welula isandla sakhe, wamphatha, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Masinyane uchoko lwasuka kuye.
14 Wamyala ukuba angatsheli muntu, wathi: “Kepha suka, uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho, njengalokho uMose akuyalayo, kube ngubufakazi kubo.”
15 Kwayilapho ukukhuluma ngaye kwanda kakhulu. Zabuthana izixuku eziningi ukuzwa nokuphulukiswa ezifweni zazo.
16 Kepha yena wamonyukela ehlane, wakhuleka.
17 Kwathi ngolunye lwalezo zinsuku yena esafundisa, kwakuhlezi khona abaFarisi nabafundisi bomthetho ababephuma emizini yonke yaseGalile neJudiya neJerusalema. Namandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise.
18 Bheka-ke, nanko amadoda ethwele ohlakeni umuntu ofe uhlangothi, efuna ukumngenisa nokumbeka phambi kwakhe.
19 Engafumani ukuthi angamngenisa kanjani ngenxa yesixuku akhwela phezu kwendlu, amehlisa ophahleni kanye nohlaka ngaphakathi phambi kukaJesu.
20 Ebona ukukholwa kwawo wathi: “Mngane, uthethelelwe izono zakho.”
21 Ababhali nabaFarisi baqala ukuzindla ngokuthi: “Ngubani lo okhuluma ngokuhlambalaza? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu yedwa na?”
22 Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo waphendula, wathi kubo: “Nizindlani ezinhliziyweni zenu na?
23 Yikuphi okulula ukuthi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ukuthi: ‘Vuka uhambe,’ na?
24 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono,” wayesethi kofe uhlangothi: “Kuwena ngithi: Vuka uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.”
25 Wasukuma khona lapho phambi kwabo, wathabatha lokho abelele kukho, wamuka waya endlini yakhe emdumisa uNkulunkulu.
26 Ukumangala kwabehlela bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bagcwala ukwesaba, bathi: “Sibonile izimanga namuhla.”
27 Emva kwalokho waphuma, wabona umthelisi, igama lakhe nguLevi, ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.”
28 Washiya konke, wasukuma, wamlandela.
29 ULevi wamenzela isidlo esikhulu endlini yakhe; kwakukhona isixuku esikhulu sabathelisi nabanye ababehlezi nabo ekudleni.
30 AbaFarisi nababhali bakhonona kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?”
31 Waphendula uJesu, wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa.
32 Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.”
33 Base bethi kuye: “Abafundi bakaJohane bazila kaningi, benze imikhuleko, kanjalo nababaFarisi, kepha abakho bayadla, baphuze.”
34 Kepha uJesu, wathi kubo: “Ningabazilisa yini abayeni, umyeni esenabo na?
35 Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona bezakuzila ngalezo zinsuku.”
36 Wabatshela nomfanekiso wokuthi: “Akakho odabula isiziba engutsheni entsha, asibekele engutsheni endala; uma enza lokho, uyayona entsha, futhi isiziba sentsha asizukuzwana nendala.
37 Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala funa iwayini elisha liqhumise izimvaba, lichitheke lona, nezimvaba zonakale.
38 Kodwa iwayini elisha limelwe ukuthelwa ezimvabeni ezintsha.
39 Akakho othi ephuze iwayini elidala, afune elisha, ngokuba uthi elidala limnandi.”