Malaki

Isahluko:1 2 3 4

0:00
0:00

Isahluko 2

“Manje lo myalo ungowenu bapristi.
2 Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.
3 “Bhekani, ngiyakusongela inzalo yenu ngenxa yenu, ngithele umquba ebusweni benu, umquba wemikhosi yenu, nisuselwe kuwo.
4 Niyakwazi ukuthi ngithumile kini lo myalo ukuba isivumelwano sami noLevi sime,” usho uJehova Sebawoti.
5 “Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula, ngamnika khona ukuba esabe; wangesaba, waphela amandla phambi kwegama lami.
6 Umthetho weqiniso wawusemlonyeni wakhe, nobubi babungatholwa ezindebeni zakhe; wahamba nami ngokuthula nangobuqotho, wabuyisa abaningi ebubini.
7 “Ngokuba izindebe zompristi ziyakugcina ukwazi, kufunwe umthetho emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.
8 Kepha nichezukile endleleni, nikhubekisile abaningi emthethweni; nisonakalisile isivumelwano sikaLevi,” usho uJehova Sebawoti.
9 “Ngalokho mina nginenzile naba ngabadelelekileyo nabathotshisiweyo phambi kwabantu bonke njengokuba ningazigcinanga izindlela zami, kepha nikhethe ubuso emthethweni.
10 “Asinaye ubaba munye thina sonke? Asidalwanga nguNkulunkulu munye na? Sikhohlisanelani, kube yilowo nomfowabo, sisingcolisa isivumelwano sawobaba na?
11 “UJuda ukhohlisile, isinengiso senziwe kwa-Israyeli naseJerusalema, ngokuba uJuda uyingcolisile indlu engcwele kaJehova ayithandayo, waganwa yindodakazi kankulunkulu wabezizwe.
12 UJehova makanqume kumuntu owenza lokhu ufakazi nophendulayo ematendeni akwaJakobe kanye noletha umnikelo kuJehova Sebawoti.
13 “Ngokwesibili niyakwenza nalokhu: nisibekela i-altare likaJehova ngezinyembezi, nangokukhala, nangokububula, angabe esayinakekela iminikelo, ingabe isamukeleka esandleni senu.
14 Bese nithi-ke: ‘Ngani na?’ Ngokuba uJehova wayengufakazi phakathi kwakho nomfazi wobusha bakho omkhohlisile wena, noma engumngane wakho nomfazi wesivumelwano sakho.
15 “AkusiMunye osenzileyo, okusele kuye umoya wethu na? Ufunani lo Munye? Inzalo kaNkulunkulu. Ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningamkhohlisi umfazi wobusha benu.
16 “Ngokuba ngiyazonda ukwahlukana,” usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, “nozisibekelayo ngobudlova njengesambatho,” usho uJehova Sebawoti. Ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningakhohlisi.
17 Nimkhathazile uJehova ngamazwi enu. Nokho nithi: “Simkhathaze kanjani?” Ngokusho ukuthi: “Bonke abenza okubi bahle emehlweni kaJehova; yena uthokoza ngabo,” noma: “Uphi uNkulunkulu wokwahlulela na?”