Habakuki

Isahluko:1 2 3

0:00
0:00

Isahluko 2

Ngiyakuma endaweni yami yokulinda, ngigcule enqabeni, ngikhangele ukubona ukuthi uyakukhulumani kimi nokuthi ngiyakuphendulani ngokusola kwami.
2 UJehova wangiphendula wathi: “Wulobe umbono, uwuqophe ezibhebheni ukuba kufundwe kalula.
3 Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo; uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa; noma ulibala, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.
4 “Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile, awuqotho phakathi kwakhe, kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.
5 Yebo, iwayini liyakhohlisa, lingumuntu okhukhumeleyo ongayikuma, owandisa ukufisa kwakhe njengendawo yabafileyo; unjengokufa: akasuthi; uyazibuthela zonke izizwe, uziqoqela bonke abantu.
6 “Bona abayikuphakamisa isaga nomfanekiso wemfumbe ngaye, bathi: “ ‘Wo kuyena owandisa okungesikho okwakhe koze kube nini na? — nozisindisa ngezibambiso!’
7 Abayikuvuka ngokuzumayo abakulumayo, bavuke abakuthuthumelisayo, ube yimpango yabo, na?
8 Ngokuba wena uphangile izizwe eziningi, bonke abanye abantu bayakuphanga wena, ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.
9 “Wo kozuzela indlu yakhe inzuzo embi ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuyophulwa esandleni sobubi!
10 Ucebele indlu yakho okubi ngokuchitha abantu abaningi, wona kuwo umphefumulo wakho.
11 Ngokuba amatshe ayakukhala esodongeni, nomshayo uyakuwaphendula usemithini.
12 “Wo kowakha umuzi ngezingazi, aqinise idolobha ngobubi!
13 Bheka, akuveli kuJehova Sebawoti ukuthi abantu bakhandlekela umlilo, izizwe zizikhathaze ngokuyize, na?
14 Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova, njengamanzi asibekela ulwandle.
15 “Wo komphuzisa umngane wakhe, axube nokufutheka, amdakise, ukuze abuke ubunqunu bakhe!
16 Uyakusuthiswa ngehlazo esikhundleni senkazimulo, uphuze nawe, wambule ijwabu, indebe yesandla sokunene sikaJehova siphendulelwe kuwe, kube yihlazo phezu kodumo lwakho.
17 Ngokuba indluzula eyenziwe eLebanoni iyakukusibekela, ukuchithwa kwezilwane kukwesabise, ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.
18 “Sisizani isithombe esibaziweyo, lokhu umbumbi waso esibaza, nesithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga, lokhu umbumbi waso ethemba kuso, ukuze enze izithombe eziyizimungulu, na?
19 Wo koshoyo kumuthi ukuthi: ‘Vuka!’ nakulo itshe eliyisimungulu: ‘Phaphama!’ Lokhu kungafundisa na? Bheka, kunamekwe ngegolide nangesiliva, kungekho neze umoya phakathi kwakho.
20 Kepha uJehova usethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”