Jona

Isahluko:1 2 3 4

0:00
0:00

Isahluko 4

Kepha lokho kwaba kubi kakhulu kuJona, wathukuthela.
2 Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na? Ngalokho ngakwandulela ngokubalekela eTharishishi, ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uzisola ngokubi;
3 ngalokho, Jehova, ake ususe kimi ukuphila kwami, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”
4 Wayesethi uJehova: “Wenza kahle ngokuthukuthela na?”
5 UJona wayesephuma emzini, wahlala ngasempumalanga komuzi, wazenzela idokodo khona, wahlala phansi kwalo emthunzini, ukuze abone ukuthi kuyakwenziwa njani kuwo umuzi.
6 UJehova uNkulunkulu walungisela umhlakuva, wawukhulisa phezu kukaJona ukuba ube ngumthunzi phezu kwekhanda lakhe ukumophula kokubi kwakhe. UJona wathokoza ngomhlakuva ngokuthokoza okukhulu.
7 Kepha sekuzakuvela ukusa ngangomuso uNkulunkulu walungisela impehlwa; yawuphehla umhlakuva, wabuna.
8 Kwathi ekuphumeni kwelanga uNkulunkulu walungisela umoya oshisayo wasempumalanga; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waba nesiyezi, wazicelela ukuba afe, wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”
9 Wayesethi uNkulunkulu kuJona: “Wenza kahle ngokuthukuthela ngenxa yomhlakuva na?” Wathi: “Ngenza kahle ngokuthukuthela kuze kube sekufeni.”
10 Wayesethi uJehova: “Wena wawuhawukela umhlakuva ongawukhandlekelanga nongawukhulisanga, owamila ebusuku bunye, wabhubha ebusuku bunye;
11 mina-ke bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, kanye nezinkomo eziningi, na?”