Obadiya

Isahluko: 1

0:00
0:00

Isahluko 1

Umbono ka-Obadiya. Isho kanje iNkosi uJehova ngo-Edomi, ithi: Sizwile imibiko evela kuJehova, kuthunyiwe isithunywa phakathi kwabezizwe ngokuthi: “Vukani, simvukele ngokulwa.”
2 “Bheka, ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwabezizwe; udeleleke kakhulu.
3 Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukukhohlisile wena ohlezi emifantwini yamawa, ondawo yakho yokuhlala iphakeme, othi enhliziyweni yakho: Ngubani ongangehlisela phansi na?
4 Noma uphakama njengokhozi, kubekwe isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.
5 “Uma amasela efika kuwe, nabaphangi ebusuku yeka ukuchithwa kwakho bebengayikweba baze baneliswe na? Uma abavuna izithelo zomvini befika kuwe, bebengayikushiya umkhothozo na?
6 Yeka ukufunisiswa kuka-Esawu, yeka ukuphenywa kwamagugu akhe afihliweyo!
7 Bonke abantu besivumelwano sakho bayakukuxosha emkhawulweni; abantu ababehlalisana nawe ngokuthula bayakukukhohlisa, bakwahlule; abadla isinkwa sakho bayakubeka ugibe phansi kwakho; akakho oluqondayo.
8 “Angithi ngiyakuchitha abahlakaniphileyo kwa-Edomi ngalolo suku,” usho uJehova, “nokuqonda entabeni yakwa-Esawu, na?
9 Amaqhawe akho, Themani, ayakuphela amandla, ukuze yilowo nalowo anqunywe entabeni yakwa-Esawu ngokubulawa.
10 Ngenxa yendluzula eyenziwa kumfowenu uJakobe, amahloni ayakukusibekela, unqunywe kuze kube phakade.
11 Ngosuku owema kude ngalo, ngosuku abafokazi abasusa ngalo imfuyo yakhe, nabezizwe bangena ngamasango akhe, benza inkatho ngeJerusalema, nawe wawunjengomunye wabo.
12 Kepha ungabheki usuku lomfowenu ngosuku lobufokazi bakhe, ungathokozi ngabantwana bakwaJuda ngosuku lokuchithwa kwabo, ungaqhalazi ngosuku losizi.
13 Ungangeni ngesango labantu bami ngosuku lwesigemegeme sabo, ungabheki ukuhlupheka kwabo ngosuku lwesigemegeme sabo, ningabeki sandla emfuyweni yabo ngosuku lwesigemegeme sabo.
14 Ungemi enhlanganweni yezindlela ukunquma abaphunyukileyo bakhe, ungakhapheli abaseleyo bakhe ngosuku losizi.
15 “Ngokuba usuku lukaJehova lusondele ezizweni zonke; njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe; izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.
16 Ngokuba njengalokho niphuzile entabeni yami engcwele, bayakuphuza kanjalo bonke abezizwe, baphuze, bagwinye, babe njengokungathi abazange babe khona.
17 Kepha entabeni yaseSiyoni kuyakuba khona abasindayo, ibe ngcwele, nendlu yakwaJakobe iyakudla ifa layo.
18 Indlu yakwaJakobe iyakuba ngumlilo, indlu kaJosefa ibe yilangabi, indlu ka-Esawu ibe ngamabibi, bawashise, bawaqede; akuyikubakho oseleyo endlini ka-Esawu,” ngokuba uJehova ukhulumile.
19 Abaseningizimu bayakudla ifa lentaba yakwa-Esawu, nabasehlanzeni ifa lamaFilisti, badle ifa lezwe lakwa-Efrayimi nezwe laseSamariya, uBenjamini adle iGileyadi.
20 Abathunjwa bale mpi yabantwana bakwa-Israyeli abaphakathi kwamaKhanani kuze kube seSarefati nabathunjwa baseJerusalema abaseSefaradi bayakudla ifa lemizi yaseningizimu.
21 Abasindisi bayakukhuphukela entabeni yaseSiyoni ukuyakwahlulela intaba yakwa-Esawu, umbuso besewuba ngokaJehova.