Amose

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9

0:00
0:00

Isahluko 3

Yizwani leli zwi uJehova alikhulumile ngani bantwana bakwa-Israyeli, ngawo wonke umndeni engawukhuphula ezweni laseGibithe, ngokuthi:
2 “Nginazile nina kuphela emindenini yonke yomhlaba; ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.”
3 Kuhamba ababili kanyekanye, uma bengavumelananga, na?
4 Ingonyama iyabhodla ehlathini, ingenampango, na? Ibongo lengonyama liyezwakalisa izwi lalo emphandwini walo, uma lingabambanga lutho, na?
5 Inyoni iwela ogibeni emhlabathini, ingenasihibe, na? Ugibe luyaxhuma emhlabathini, lungabambanga nokubamba, na?
6 Kungabethwa icilongo emzini, bangesabi abantu, na? Umuzi ungehlelwa ngokubi, engakwenzamga uJehova, na?
7 Ngokuba iNkosi uJehova ayenzi lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.
8 Ingonyama ibhongile, ngubani ongayikwesaba na? INkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na?
9 Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase-Ashidodi, nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe, nithi: “Buthanani ezintabeni zaseSamariya, nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo, nokucindezelwa okukulo.”
10 “Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” usho uJehova; “babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.”
11 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “Isitha siyakulihaqa izwe, sehlise kini izinqaba zenu, ziphangwe izindlu zenu zamakhosi.”
12 Usho kanje uJehova, uthi: “Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyama imilenze emibili noma inxenye yendlebe, kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakophulwa, abahlala eSamariya ezingosini zezihlalo naphezu kwezingubo zikasilika zemibhede.”
13 “Yizwani, nifakaze ngendlu kaJakobe, isho iNkosi uJehova, uNkulunkulu Sebawoti.
14 “Ngokuba mhla ngiyakumhambela u-Israyeli ngeziphambeko zakhe, ngiyakuhambela nama-altare aseBethele, kunqunywe izimpondo ze-altare, ziwe phansi.
15 Ngiyakushaya indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo, kuphele izindlu zophondo lwendlovu, yebo, izindlu eziningi ziyakuphela,” usho uJehova.