UmShumayeli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12

0:00
0:00

Isahluko 10

Izimpukane ezifileyo zenza amafutha omthaki ukuba anuke, abile; kanjalo ubuwula obuncane bulingana nokuhlakanipha nodumo.
2 Inhliziyo yohlakaniphileyo ingakwesokunene sakhe, kepha inhliziyo yesiwula ingakwesokhohlo.
3 Yebo, nasendleleni esihamba ngayo isiwula, siyaphela ingqondo, sisho kubo bonke ukuthi siyisiwula.
4 Uma umoya wombusi ukuvukela, ungashiyi indawo yakho, ngokuba ukubekezela kuvimba izono ezinkulu.
5 Kukhona ububi engibubonile phansi kwelanga, bunjengephutha elivela kumbusi:
6 ubuwula bubekwa ezindaweni eziningi eziphakemeyo, kepha abacebileyo bahlala kweziphansi.
7 Ngibonile izinceku zikhwele amahhashi, nezikhulu zihamba phansi njengezinceku.
8 Omba umgodi uyakuwela kuwo, nodiliza ugange uyakulunywa yinyoka.
9 Okhipha amatshe uyakulinyazwa yiwo, nobanda izinkuni uyakuba sengozini ngazo.
10 Uma insimbi ibuthuntu, umuntu engaloli usiko, uyakhamelela ngamandla; kepha okusizayo ukuphumelelisa kungukuhlakanipha.
11 Uma inyoka iluma ingakalunjwa, umlumbi akasizi lutho.
12 Amazwi omlomo wohlakaniphileyo anomusa, kepha izindebe zesiwula ziyasigwinya sona.
13 Ukuqala kwamazwi omlomo waso angubuwula, nokugcina kokukhuluma kwaso kungubuhlanya obubi.
14 Isiwula siyandisa amazwi, nokho umuntu akazi okuyakuba khona; nalokho okuyakuba ngasemva kwakhe, ngubani ongamtshela lokho na?
15 Umshikashika weziwula uyaziqoba, ukuze zingazi nokuya emzini.
16 Maye kuwe lizwe onkosi yakho ingumntwana, nezikhulu zakho zinedili ekuseni!
17 Ubusisiwe wena lizwe onkosi yakho iyindodana yabakhulu, nezikhulu zakho zinedili ngesikhathi, ziziqinise, zingadakwa.
18 Ngobuvila obukhulu indlu iyabola, nangokwenqena kwezandla iyavuza.
19 Idili lenzelwa ukuhleka, newayini liyenamisa ukuphila, kepha imali iyimpendulo yakho konke.
20 Ungayiqalekisi inkosi nasemicabangweni yakho, ungabathuki abacebileyo nasekamelweni lakho lokulala, ngokuba inyoni yezulu iyakulihambisa izwi, nokunamaphiko kuyakuyilanda indaba.