2 AmaKhosi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25

0:00
0:00

Isahluko 15

Ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa kaJerobowamu inkosi ka-Israyeli u-Azariya indodana ka-Amasiya inkosi yakwaJuda waba yinkosi.
2 Wayeneminyaka eyishumi nesithupha ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nambili eJerusalema; igama likanina lalinguJekoliya waseJerusalema.
3 Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise u-Amasiya.
4 Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
5 UJehova wayishaya inkosi, yaba ngonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwayo, yahlala endlini eyahlukanisiweyo. UJothamu, indodana yenkosi, wayephezu kwendlu ahlulela abantu bezwe.
6 Ezinye izindaba zika-Azariya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
7 U-Azariya wayeselala koyise; bammbela koyise emzini kaDavide; uJothamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
8 Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili ka-Azariya inkosi yakwaJuda, uZakariya, indodana kaJerobowamu, wayeyinkosi kwa-Israyeli eSamariya izinyanga eziyisithupha.
9 Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho benzile oyise, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, onisa ngazo u-Israyeli.
10 UShalumi, indodana kaJabeshi, wamenzela ugobe, wamgenca phambi kwabantu, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
11 Ezinye izindaba zikaZakariya, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.
12 Yilelo izwi likaJehova alikhuluma kuJehu ngokuthi: “Amadodana akho kuze kube sesizukulwaneni sesine ayakuhlala esihlalweni sakwa-Israyeli.” Kwaba njalo.
13 UShalumi indodana kaJabeshi waba yinkosi ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka-Uziya inkosi yakwaJuda, wabusa inyanga eSamariya.
14 UMenahemu, indodana kaGadi, wenyuka eTirisa, wafika eSamariya, wagenca uShalumi, indodana kaJabeshi, eSamariya, wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.
15 Ezinye izindaba zikaShalumi nogobe lwakhe alwenzayo, bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.
16 Ngaleso sikhathi uMenahemu wachitha iThifisa, nakho konke okwakukulo, nemikhawulo yalo, kusukela eTirisa; ngokuba bengamvulelanga, ngalokho walichitha; nabo bonke abesifazane abakhulelweyo abakulo wabaqaqa.
17 Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka-Azariya inkosi yakwaJuda uMenahemu indodana kaGadi waba yinkosi kwa-Israyeli, wabusa iminyaka eyishumi eSamariya.
18 Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga zonke izinsuku zakhe ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli.
19 Kwafika ukuhlasela izwe uPhuli inkosi yase-Asiriya; uMenahemu wamnika uPhuli amatalenta ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe naye ukuwuqinisa umbuso esandleni sakhe.
20 UMenahemu wakhiphisa u-Israyeli imali, bonke abantu abacebileyo, kwaba yilowo nalowo amashekeli angamashumi ayisihlanu esiliva ukuwanika inkosi yase-Asiriya. Yayisibuyela emuva inkosi yase-Asiriya, ayihlalanga khona ezweni.
21 Ezinye izindaba zikaMenahemu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
22 UMenahemu wayeselala koyise; uPhekaya waba yinkosi esikhundleni sakhe.
23 Ngomnyaka wamashumi ayisihlanu ka-Azariya inkosi yakwaJuda, uPhekaya, indodana kaMenahemu, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka emibili.
24 Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli.
25 UPheka, indodana kaRemaliya, induna yakhe wamenzela ugobe, wamgenca eSamariya enqabeni yendlu yenkosi kanye no-Arigobi no-Ariye; wayenabantu bakwaGileyadi abangamashumi ayisihlanu; wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
26 Ezinye izindaba zikaPhekaya nakho konke akwenzayo, bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.
27 Ngomnyaka wamashumi ayisihlanu nambili ka-Azariya inkosi yakwaJuda uPheka indodana kaRemaliya waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amabili.
28 Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli.
29 Emihleni kaPheka inkosi yakwa-Israyeli kwafika uThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya, wathatha i-Ijoni, ne-Abela Beti Mahakha, neJanowa, neKedeshi, neHasori, neGileyadi, neGalile, lonke izwe lakwaNafetali, wabathumbela e-Asiriya.
30 UHosheya, indodana ka-Ela, wamenzela ugobe uPheka indodana kaRemaliya, wamgenca, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe ngomnyaka wamashumi amabili kaJothamu indodana ka-Uziya.
31 Ezinye izindaba zikaPheka nakho konke akwenzayo, bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.
32 Ngomnyaka wesibili kaPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, uJothamu indodana ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi.
33 Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; igama likanina lalinguJerusha, indodakazi kaSadoki.
34 Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wenza njengakho konke akwenzileyo uyise u-Uziya.
35 Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. Wakha isango lasenhla endlini kaJehova.
36 Ezinye izindaba zikaJothamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
37 Ngalezo zinsuku uJehova waqala ukuthuma kuJuda uResini, inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya.
38 UJothamu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; u-Ahazi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.