Duteronomi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34

0:00
0:00

Isahluko 11

“Ngalokho wothanda uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine imfanelo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke.
2 Yazini namuhla ngokuba angikhulumi kubantwana benu abangazanga nabangabonanga ukulaya kukaJehova uNkulunkulu wenu ubukhulu bakhe, nesandla sakhe esinamandla, nengalo yakhe eyeluliweyo,
3 nezibonakaliso zakhe, nezenzo zakhe owazenza phakathi kweGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe nakulo lonke izwe lakhe,
4 nowakwenzayo kuyo impi yaseGibithe, nakuwo amahhashi abo, nakuzo izinqola zabo, nokwenza kwakhe ukuba amanzi oLwandle Olubomvu abaminzise ekunixosheni kwabo, nokubabhubhisa kukaJehova kuze kube namuhla,
5 nowakwenzayo kuwe ehlane naze nafika kule ndawo,
6 nowakwenzayo kuDathani naku-Abiramu amadodana ka-Eliyabe kaRubeni ukuthi umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nabendlu yabo, namatende abo, nayo yonke imfuyo eyabalandelayo phakathi kwabo bonke abakwa-Israyeli.
7 Ngokuba amehlo enu abonile zonke izenzo ezinkulu zikaJehova azenzileyo.
8 “Ngalokho niyakugcina yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba nibe namandla, ningene nilidle izwe eniwela ukuya kulo ukulidla,
9 nokuba nandise izinsuku zenu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona nenzalo yabo, izwe elivame ubisi nezinyosi.
10 Ngokuba izwe ongena kulo ukulidla alinjengezwe laseGibithe enaphuma kulo, lapho wahlwanyela khona imbewu yakho, wayinisela ngonyawo lwakho njengesivande semifino,
11 kepha izwe eniya kulo ukulidla liyizwe lezintaba nelezigodi, liphuza amanzi emvula yezulu,
12 izwe elinakekelwa nguJehova uNkulunkulu wakho; amehlo kaJehova uNkulunkulu wakho akulo njalo, kusukela ekuqaleni komnyaka kuze kube sekupheleni komnyaka.
13 “Kuyakuthi uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,
14 ngiyakuninika imvula yezwe lakini ngesikhathi sayo, imvula yokuqala nemvula yamuva, ukuba ubuthe amabele akho, newayini lakho, namafutha akho.
15 Ngiyakunika izinkomo zakho utshani emadlelweni akho; uyakudla, usuthe.
16 “Xwayani funa inhliziyo ikhohliswe, niphambuke, nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,
17 intukuthelo kaJehova inivuthele, avale izulu, ukuze kungabikho mvula, izwe lingabe lisathela izithelo zalo, niphele masinyane ezweni elihle uJehova aninika lona.
18 Niyakuwabeka lawa mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe abe luphawu esandleni senu, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu.
19 Niyakuwafundisa abantwana benu, ukhulume ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.
20 Uyakuwaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho
21 ukuba zandiswe izinsuku zakho nezinsuku zabantwana benu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona, njengezinsuku zezulu phezu komhlaba.
22 “Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ngazo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye,
23 uJehova uyakuzixosha zonke lezi zizwe phambi kwenu, nizidle izizwe ezinkulu nezinamandla kunani.
24 Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebanoni naseMfuleni, umfula u-Ewufrathe, kuze kube selwandle olungasemuva, lube ngumkhawulo wenu.
25 Akuyikubakho muntu ongema phambi kwenu; uJehova uNkulunkulu wenu uyakubeka ingebhe novalo ngani ezweni lonke eniyakunyathela kulo, njengalokho akhuluma kini.
26 “Bheka, ngibeka phambi kwakho namuhla isibusiso nesiqalekiso,
27 isibusiso, uma niyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla,
28 nesiqalekiso, uma ningayilaleli imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, kepha niphambuka endleleni enginiyala ngayo namuhla, ukulandela abanye onkulunkulu eningabaziyo.
29 “Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni oya kulo ukulidla, usibeke isibusiso entabeni yaseGerizimu nesiqalekiso entabeni yase-Ebali.
30 Angithi ziphesheya kweJordani ngalaphaya kwendlela yasentshonalanga ezweni lamaKhanani ahlala e-Araba, malungana neGiligali ngaseceleni kwama-oki aseMore na?
31 Ngokuba niyakuwela iJordani, ningene ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona, nilidle, nihlale kulo.
32 Niyakugcina ukuzenza zonke izimiso nezahlulelo engizibeka phambi kwenu namuhla.