Ukulala uthi Ja!
- Uyakuba nokwethemba, ngokuba ithemba likhona; uyakuphendla, ulale ngokulondeka. Uyakulala, ungethuswa muntu; abaningi bayakuzincengela kuwe. [Jobe e 11:18,19]
- Ngalala phansi, ngazunywa ngubuthongo; ngavuka, ngokuba uJehova ungiphasile. [AmaHubo 3:5]
- Ngizakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka. [AmaHubo 4:8]
- Awuyikwesaba ivuso lasebusuku, nomcibisholo ondizayo emini, [AmaHubo 91:5]
- Lapho ulala phansi, awuyikwesaba lutho; nanxa usulale phansi, ubuthongo bakho buyakuba mnandi. [IzAga 3:24]