Yithemba
- Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena; ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo. [AmaHubo 9:10]
- Labo bayakhala, uJehova uyezwa; uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo. [AmaHubo 34:17]
- Ngosuku losizi lwami ngikhala kuwe, ngokuba uzakungiphendula. [AmaHubo 86:7]
- Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye esosizini, ngimkhulule, ngimdumise. [AmaHubo 91:15]
- UJehova useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambizayo ngeqiniso. Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise. [AmaHubo 145:18, 19]