Ukugqugquzeleka
- UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo. [AmaHubo 34:18]
- UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe; akakho kwabamethembayo oyakuba necala. [AmaHubo 34:22]
- Noma ekhubeka, akayikuwa phansi, ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe. [AmaHubo 37:24]
- Wena owasizwisa izinhlupheko eziningi ezimbi, uyakubuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba. Yandisa udumo lwami, ubuye ungiduduze. [AmaHubo 71:20, 21]
- Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami. [AmaHubo 94:19]
- Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile. [AmaHubo 119:50]
- Noma ngihamba phakathi kwenhlupheko, uyakungiphilisa; uyakwelulela isandla sakho olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise. [AmaHubo 138:7]
- Lapho umoya wami udangala phakathi kwami, wena uyawazi umkhondo wami; endleleni engihamba ngayo bangifihlele ugibe. [AmaHubo 142:3]
- Ngokuba ubuyinqaba kwabampofu, inqaba kwabaswelayo ekucindezelweni kwabo, isiphephelo esivunguvungwini, umthunzi ekubaleleni, ngokuba umoya waba nonya, unjengesivunguvungu odongeni, [Isaya 25:4]
- ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami. [Isaya 41:10]
- “Abampofu nabaswelayo bafuna amanzi, kepha awakho, nolimi lwabo luphele ukoma; mina Jehova ngiyakubaphendula, mina Nkulunkulu ka-Israyeli angiyikubashiya. [Isaya 41:17]
- Ngiyakuvula imifula emadulini angenalutho nemithombo phakathi kwezigodi; ngiyakwenza ihlane libe yichibi lamanzi, nomhlabathi owomileyo ube yiziphethu zamanzi. [Isaya 41:18]
- ngenze ukuba abalilayo eSiyoni baphiwe amaqhele esikhundleni somlotha, amafutha enjabulo esikhundleni sokulila, ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo, ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe. [Isaya 61:3]
- Ngokuba uJehova akayikulahla kuze kube phakade. Ngokuba noma edabukisile, uyakuhawukela nokho ngokobukhulu bomusa wakhe. Ngokuba akahluphi, angadabukisi abantwana babantu ngenxa yokuba ekuthanda. [IsiLilo 3:31-33]
- Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe. [AmaRoma 8:28]
- ngethembile ngempela yona le nto ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaKristu Jesu, [Filipi 1:6]
- uma sikhuthazela, siyakubusa naye futhi; uma simphika, naye uyakusiphika; [2 Thimothewu 2:12]