Ukuxolela


  • “Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani. Kepha uma ningathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo akayikunithethelela iziphambeko zenu.
    Mathewu 6:14, 15
  • Kepha uJesu wathi: “Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo.” Babelana izingubo zakhe, benzelana inkatho.
    Luka 23:34
  • Wayesethi: “Akakho, Nkosi.” Wathi-ke uJesu kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”
    Johane 8:11
  • “Mina, mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyikukhumbula izono zakho.
    Isaya 43:25
  • Babusisiwe abanesihawu, ngokuba bayakuhawukelwa.
    Mathewu 5:7
  • Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo, nezono zabo angisayikuzikhumbula.”
    KumaHeberu 8:12
  • Khona kwasondela uPetru, wathi kuye: “Nkosi, umfowethu uyakungona kangaki, ngimthethelela, na? Kuze kube kasikhombisa na?” UJesu wathi kuye: “Angisho kuwe ukuthi kuze kube kasikhombisa kodwa kuze kube kamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.
    Mathewu 18:21, 22
  • Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
    1 Johane 1:9
  • Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.
    AmaHubo 103:12
  • “ ‘Ungaphindisi, ungabi namagqubu nabantwana babantu bakho, kepha wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguJehova.
    Levitikusi 19:18
  • Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile; kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho;
    AmaHubo 18:25
  • Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.
    AmaHubo 86:5
  • Isihhe neqiniso makungakushiyi; kubophe entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho, ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.
    IzAga 3:3, 4
  • “Kanjalo naye uBaba osezulwini uyakwenza kini, uma ningathetheleli ngezinhliziyo zenu kube yilowo nalowo umfowabo.”
    Mathewu 18:35
  • Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.
    Marku 11:25
  • “Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.
    Luka 6:37
  • Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.
    Efesu 4:32
  • nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.
    Kolose 3:13
  • niqaphelisise kungabikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande imbe ebabayo, inixobise, kungcoliswe abaningi yiyo,
    KumaHeberu 12:15