Inkululeko ekusabeni
- ElikaDavide. UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani na? UJehova uyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na? ... Ngokuba uyangithukusa edokodweni lakhe ngosuku lokuhlupheka, angicashise ekusithekeni kwetende lakhe, angiphakamisele edwaleni.
 AmaHubo 27:1, 5
- 
Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.
 AmaHubo 34:4
- 
Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.”
 IzAga 1:33
- 
Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi: “Qinani, ningesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela, impindiselo ivela kuNkulunkulu; nguye oza ukunisindisa.”
 Isaya 35:4
- 
ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
 Isaya 41:10
- 
Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!”
 AmaRoma 8:15
- 
Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.
 2 Thimothewu 1:7
- 
Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. Nge-Alamoti. Igama. UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni. Ngakho-ke asiyikwesaba nokuba kuguquka umhlaba, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle, nokuba amanzi alo ehlokoma, ekhephuza, nezintaba zizamazama ngokukhukhumala kwalo. Sela 46:3
 AmaHubo 46:1-3
- 
Mhla ngesabayo ngiyakwethemba wena. KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe; ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba; inyama ingangenzani na?
 AmaHubo 56:3, 4
- 
Awuyikwesaba ivuso lasebusuku, nomcibisholo ondizayo emini, nobhadane oluhamba ebumnyameni, nesifo esibhubhisayo emini enkulu.
 AmaHubo 91:5, 6
- 
Lapho ulala phansi, awuyikwesaba lutho; nanxa usulale phansi, ubuthongo bakho buyakuba mnandi.
 IzAga 3:24
- 
Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” usho uJehova.
 Jeremiya 1:8
- 
Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni.
 1 Johane 4:18
- 
Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,” ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?”
 KumaHeberu 13:5, 6
- 
Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.
 Johane 14:27
- 
Ngakho-ke njengokuba abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa amchithe obe nawo amandla okufa onguSathane, abakhulule bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni.
 KumaHeberu 2:14, 15